UHezekeli
37 Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, uJehova wangithatha ngomoya wakhe wangibeka phakathi kwesigodi + esasigcwele amathambo. 2 Wangenza ngahamba phakathi kwawo, ngabona ukuthi ayemaningi kakhulu amathambo ayesesigodini, ayome kakhulu. + 3 Wangibuza wathi: “Ndodana yomuntu, angaphila yini la mathambo?” Ngaphendula ngathi: “Nkosi EnguMbusi Jehova, nguwe owaziyo.” + 4 Wathi kimi: “Profetha ngala mathambo, uthi kuwo, ‘Nina mathambo omile, yizwani izwi likaJehova:
5 “ ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo kula mathambo: “Ngizofaka umoya kini niphile. + 6 Ngizofaka imisipha nenyama kini, ngizonenza nibe nesikhumba ngifake umoya kini, niphile; nizokwazi ukuthi nginguJehova.” ’ ”
7 Ngemva kwalokho ngaprofetha njengoba nje ngangiyaliwe. Kwathi nje lapho sengiprofethile, kwaba khona umsindo, ubukhehlekhehle, amathambo aqala ukusondelana, ithambo laya kwelinye. 8 Ngabe sengibona imisipha nenyama kuza kuwo, isikhumba sawamboza. Kodwa wawungakabi bikho umoya kuwo.
9 Wabe esethi kimi: “Profetha emoyeni. Profetha ndodana yomuntu, uthi emoyeni,* ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Woza moya, uvela emimoyeni emine, uvunguze phezu kwalaba bantu ababulawa, ukuze baphile.” ’ ”
10 Ngakho ngaprofetha njengoba nje ayengiyalile, umoya wangena kubo, baqala ukuphila bama ngezinyawo, + beyibutho elikhulu kakhulu.
11 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, la mathambo ayiyo yonke indlu ka-Israyeli. + Ithi, ‘Amathambo ethu omile, nethemba lethu lishabalele. + Sinqunywe ngokuphelele.’ 12 Ngakho profetha uthi kuyo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ngizovula amathuna enu, + nginivuse emathuneni enu, bantu bami, nginilethe ezweni lakwa-Israyeli. + 13 Niyokwazi ukuthi nginguJehova lapho ngivula amathuna enu nalapho nginikhuphula nginikhipha emathuneni enu bantu bami.” ’ + 14 ‘Ngiyofaka umoya wami kini niphile, + nginihlalise ezweni lenu; niyokwazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile futhi ngikwenzile,’ kusho uJehova.”
15 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lathi: 16 “Wena ndodana yomuntu, thatha induku ubhale kuyo ukuthi, ‘NgekaJuda nabantu bakwa-Israyeli abakanye naye.’ *+ Uthathe nenye induku ubhale kuyo ukuthi, ‘NgekaJosefa, induku ka-Efrayimi, nayo yonke indlu ka-Israyeli ekanye naye.’ *+ 17 Uzenze zisondelane zibe induku eyodwa esandleni sakho. + 18 Lapho abantu* bakini bethi kuwe, ‘Ngeke yini usitshele ukuthi lezi zinto zisho ukuthini?’ 19 ubothi kubo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ngizothatha induku kaJosefa esesandleni sika-Efrayimi, ngithathe nezizwe zakwa-Israyeli ezikanye naye ngizihlanganise nenduku kaJuda; ngizozenza zibe induku eyodwa, + zizoba induku eyodwa esandleni sami.” ’ 20 Izinduku obhala kuzo kumele zibe sesandleni sakho ukuze bazibone.
21 “Uthi kubo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ngizothatha ama-Israyeli phakathi kwezizwe aye kuzo, ngiwaqoqele ndawonye ngiwalande kuzo zonke izindawo ngiwalethe ezweni lawo. + 22 Ngizobenza babe isizwe esisodwa ezweni, + ezintabeni zakwa-Israyeli, bonke bazobuswa inkosi eyodwa, + ngeke besaba izizwe ezimbili; ngeke besahlukana babe imibuso emibili. + 23 Ngeke besazingcolisa ngezithixo zabo ezinyanyisayo* nangemikhuba yabo enengekayo nangazo zonke izono zabo. + Ngizobasindisa kukho konke ukungathembeki kwabo okwaholela ekutheni bone, ngizobahlanza. Bazoba abantu bami, mina ngibe uNkulunkulu wabo. +
24 “ ‘ “Inceku yami uDavide iyoba inkosi yabo, + bonke bayoba nomalusi oyedwa. + Bayohamba ngezinqumo zami zokwahlulela, bagcine imithetho yami ngokucophelela. + 25 Bayohlala ezweni engalinika inceku yami uJakobe, lapho kwakuhlala khona okhokho benu, + bayohlala kulo kuze kube phakade, + bona nabantwana babo nabantwana babantwana babo; + uDavide inceku yami uyoba isikhulu sabo kuze kube phakade. +
26 “ ‘ “Ngiyokwenza nabo isivumelwano sokuthula; + siyoba isivumelwano saphakade engisenze nabo. Ngiyobamisa ngibenze babe baningi, + ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade. 27 Itende lami* liyoba nabo,* ngiyoba uNkulunkulu wabo, bona babe abantu bami. + 28 Izizwe ziyokwazi ukuthi mina Jehova, ngiyamngcwelisa u-Israyeli lapho indlu yami engcwele iba phakathi kwabo kuze kube phakade.” ’ ” +