IzAga
1 Izaga zikaSolomoni, + indodana kaDavide, + inkosi yakwa-Israyeli: +
2 Lezi zaga zibhalelwe ukuba umuntu athole* ukuhlakanipha + amukele nesiyalo;
Aqonde amazwi ahlakaniphile;
3 Athole isiyalo + esenza umuntu abe nokuqonda,
Ukulunga, + ikhono lokwahlulela *+ nobuqotho;*
4 Zihlakaniphisa + ongenalwazi;
Zinika insizwa ulwazi nekhono lokucabanga. +
5 Umuntu ohlakaniphile uyalalela amukele afundiswa kona; +
Umuntu onokuqonda uthola isiqondiso esihlakaniphile +
6 Ukuze aqonde isaga nesisho esingaqondakali kalula,*
Amazwi abantu abahlakaniphile neziphicaphicwano zabo. +
7 Ukwesaba* uJehova kungukuqala kolwazi. +
Yiziwula kuphela ezizonda ukuhlakanipha nesiyalo. +
10 Ndodana yami, uma izoni zizama ukukuyenga, ungavumi. +
11 Uma zithi: “Hamba nathi.
Masibacuthele ukuze sichithe igazi.
Sizobalalela unyendle abantu abamsulwa.
13 Masithathe zonke izimpahla zabo eziyigugu;
Sizogcwalisa impahla ephangiwe ezindlini zethu.
14 Kufanele uhambe nathi,
Esikwebile sizokwabelana kona ngokulinganayo.”
15 Ndodana yami, ungabalandeli.
Ungahambi endleleni yabo, +
16 Ngoba izinyawo zabo zigijimela ekwenzeni okubi;
Bayashesha ukuchitha igazi. +
17 Kuyize leze ukwendlala inethi phambi kwenyoni ibuka.
18 Yingakho becuthela ukuchitha igazi;
Bayacutha ukuze babulale abanye abantu.
20 Ukuhlakanipha kweqiniso + kumemeza kakhulu emgwaqweni. +
Kuqhubeka kuphakamisa izwi lako ezigcawini. +
21 Kumemeza ekhoneni lemigwaqo ephithizelayo.
Emasangweni amadolobha kuthi: +
22 “Kuyoze kube nini nina eningenalwazi nithanda ukungabi nalwazi?
Kuyoze kube nini nina bahleki bosulu nijatshuliswa ukuhleka usulu?
Kuyoze kube nini nina ziphukuphuku nizonda ulwazi? +
23 Ngilaleleni* lapho nginisola. +
Ngiyobe senginithululela umoya wami;
Ngiyonenza nazi amazwi ami. +
24 Ngenxa yokuthi nginimemezile, kodwa nangasabela,
Ngelula isandla sami, kodwa akukho muntu owayenakile, +
25 Benilokhu ningasinaki sonke iseluleko sami
Ningakwamukeli nokusola kwami,
26 Nami futhi ngiyohleka lapho nehlelwa inhlekelele;
Ngiyohleka usulu lapho kufika lokho enikwesabayo, +
27 Lapho lokho enikwesabayo kufika njengesivunguvungu,
Nenhlekelele inifikela njengesiphepho,
Lapho usizi nezinkathazo kunifikela.
28 Ngaleso sikhathi bayolokhu bengibiza, kodwa ngeke ngiphendule;
Bayongifuna phansi phezulu, kodwa ngeke bangithole, +
29 Ngenxa yokuthi baluzondile ulwazi, +
Futhi abakukhethanga ukwesaba uJehova. +
30 Basenqabile iseluleko sami;
Bakwedelelile konke ukusola kwami.
32 Ngoba abangenalwazi bayobulawa ukungalawuleki kwabo,
Nokunganaki kweziphukuphuku kuyozibhubhisa.