U-Isaya
26 Ngalolo suku kuyohlatshelelwa le ngoma + ezweni lakwaJuda: +
“Sinedolobha eliqinile. +
Wenza* insindiso ibe yizindonga zalo nendunduma yenhlabathi yokuvikela. +
3 Uyobaqapha labo abancika kuwe ngokuphelele;*
Uyobanika ukuthula okuhlala njalo, +
Ngoba bathembele kuwe. +
5 Ngoba ubathobisile labo abahlala endaweni ephakeme, edolobheni eliphakeme.
Uyalibhidliza,
Ulehlisela emhlabeni;
Uliwisela othulini.
6 Unyawo luyolinyathela,
Izinyawo zabahluphekile, izinyathelo zabantu abaphansi.”
Ngoba wena uqotho,
Uyoyiqondisa indlela yolungile.
8 Njengoba silandela indlela yezahlulelo zakho Jehova,
Sithembele kuwe.
Silangazelela igama lakho nalokho elikumelelayo.*
9 Ebusuku ngikulangazelela ngomphefumulo wami wonke,
Yebo, umoya wami ulokhu ukufuna; +
Ngoba lapho wahlulela umhlaba,
Abahlala ezweni bafunda ukulunga. +
11 O Jehova, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. +
Bazoyibona intshiseko onayo ngabantu bakho, bahlazeke.
Yebo, umlilo wakho uyozishisa uziqede izitha zakho.
13 O Jehova Nkulunkulu wethu, amanye amakhosi ngaphandle kwakho asibusile, +
Kodwa sikhuluma ngegama lakho kuphela. +
14 Bafile; ngeke baphile.
Abanamandla ekufeni, ngeke bavuke. +
Ngoba ubahlulele
Ukuze ubaqothule kungabe kusakhulunywa ngabo.
Uyinwebe kakhulu yonke imingcele yezwe. +
16 O Jehova, ngesikhathi sokucindezeleka baphendukele kuwe;
Bathandaze ngokusuka enhliziyweni lapho ubayala. +
17 Njengoba nje owesifazane okhulelwe osezobeletha
Enemihelo futhi ekhala ngenxa yezinhlungu,
Nathi besinjalo ngenxa yakho Jehova.
18 Sakhulelwa, saba nemihelo,
Kodwa kunjengokungathi sabeletha umoya.
Asililethelanga insindiso izwe,
Akekho ozelwe ukuze ahlale ezweni.
19 UNkulunkulu uthi: “Abantu bakho abafile bayophila.
Izidumbu zabantu bami* ziyovuka. +
Phaphamani nimemeze ngenjabulo,
Nina enihlala othulini! +
Ngoba amazolo akho anjengamazolo asekuseni,*
Nomhlaba uyovumela labo abangenamandla ekufeni ukuba baphinde baphile.*
21 Ngoba, bheka! uJehova uyeza evela endaweni yakhe
Ukuze ahlulele abahlala ezweni ngenxa yesiphambeko sabo,
Izwe liyokuveza obala ukuchithwa kwegazi okukulo
Ngeke lisabafihla ababulewe balo.”