NgokukaLuka
20 Ngolunye lwalezo zinsuku lapho efundisa abantu ethempelini futhi ememezela izindaba ezinhle, kweza abapristi abakhulu nababhali namadoda amadala, 2 bathi kuye: “Sitshele ukuthi uzenza ngagunya lini lezi zinto? Noma ukuthi ubani okunike leli gunya?” + 3 Wabaphendula wathi: “Nami ngizonibuza umbuzo, nina ningiphendule: 4 Ingabe ubhapathizo lukaJohane lwaluvela ezulwini noma kubantu?” 5 Babe sebefinyelela eziphethweni bebodwa, bethi: “Uma sithi, ‘Ezulwini,’ uzothi, ‘Kungani ningamkholwanga?’ 6 Kodwa uma sithi, ‘Kubantu,’ abantu bonke ngothi lwabo bazosishaya ngamatshe basibulale, ngoba bayaqiniseka ukuthi uJohane wayengumprofethi.” + 7 Ngakho baphendula ngokuthi abazi ukuthi lwaluvelaphi. 8 UJesu wathi kubo: “Nami ngeke nginitshele ukuthi ngizenza ngagunya lini lezi zinto.”
9 Watshela abantu lo mfanekiso: “Umuntu othile watshala insimu yamagilebhisi, + wayiqashisa kubalimi, wayesehamba isikhathi eside waya kude. + 10 Ngenkathi efanele, wathumela inceku kubalimi ukuze bamnike ezinye zezithelo zensimu yamagilebhisi. Nokho, abalimi bayihambisa ingaphethe lutho ngemva kokuyishaya. + 11 Kodwa waphinda futhi wathumela enye inceku. Naleyo futhi bayishaya, bayihlazisa, bayihambisa ingaphethe lutho. 12 Nokho waphinda wathumela eyesithathu; nalena futhi bayilimaza bayixosha. 13 Umnikazi wensimu yamagilebhisi wathi, ‘Kufanele ngenzenjani? Ngizothumela indodana yami ethandekayo. + Cishe yona bazoyihlonipha.’ 14 Lapho abalimi beyibona, babonisana bethi, ‘Lena indlalifa. Masiyibulale ukuze ifa libe elethu.’ 15 Babe sebeyiphonsa ngaphandle kwensimu yamagilebhisi bayibulala. + Yini-ke umnikazi wensimu azoyenza kubo? 16 Uzoza ababulale laba balimi, insimu yamagilebhisi ayinike abanye.”
Lapho bezwa lokhu, bathi: “Kwangathi kungelokothe kwenzeke lokho!” 17 Kodwa wababheka ngqo, wathi: “Kusho ukuthini-ke lokhu okulotshiwe: ‘Itshe elenqatshwa abakhi, selibe yitshe legumbi* eliyinhloko’? + 18 Wonke umuntu owela phezu kwalelo tshe uyophihlizeka. + Noma ubani eliwela phezu kwakhe, liyomgaya.”
19 Ababhali nabapristi abakhulu bafuna ukumbeka isandla ngalo kanye lelo hora, kodwa besaba abantu, ngoba baqonda ukuthi wayekhulume lo mfanekiso ecabanga ngabo. + 20 Ngemva kokumqaphisisa, bathumela abantu ababebaqashe ngasese ukuba bazishaye abalungile ukuze bathole iphutha enkulumweni yakhe, + ukuze bamnikele kuhulumeni nakumbusi. 21 Bambuza bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma futhi ufundisa iqiniso futhi awukhethi, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuvumelana neqiniso: 22 Kungokomthetho* yini ukuba sikhokhe intela kuKhesari noma cha?” 23 Kodwa wabubona ubuqili babo, wathi kubo: 24 “Ngiboniseni udenariyu.* Okabani umfanekiso nombhalo oqoshwe kuwo?” Bathi: “OkaKhesari.” 25 Wathi kubo: “Ngakho-ke, buyiselani izinto zikaKhesari kuKhesari, + kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” + 26 Abakwazanga ukumbamba ngenkulumo yakhe phambi kwabantu, kodwa bemangazwe impendulo yakhe, bavele bathula.
27 Nokho, abanye kubaSadusi, labo abathi alukho uvuko, + beza kuye bambuza bathi: + 28 “Mfundisi, uMose wasilobela wathi, ‘Uma umfowabo womuntu efa eshiya umfazi, kodwa engazange abe nabantwana, umfowabo kufanele amngene* lowo mfazi avezele umfowabo inzalo.’ + 29 Manje kwakukhona izelamani eziyisikhombisa. Owokuqala wathatha umfazi kodwa wafa engenabantwana. 30 Nowesibili 31 nowesithathu bamshada. Bonke abayisikhombisa benza into efanayo; bafa bangashiya bantwana. 32 Ekugcineni, owesifazane naye wafa. 33 Ngakho ovukweni ubani ayoba ngumkakhe? Ngoba waba yinkosikazi yabo bonke abayisikhombisa.”
34 UJesu wathi kubo: “Abantwana balesi simiso sezinto* bayashada futhi bayashadiswa, 35 kodwa labo ababalwe njengabakufanele ukuzuza lesiya simiso sezinto nokuvuka kwabafile abashadi futhi abashadiswa. + 36 Eqinisweni, ngeke besafa, ngoba banjengezingelosi futhi bangabantwana bakaNkulunkulu ngokuba abantwana bovuko. 37 Kodwa ukuthi abafile bayavuswa, ngisho noMose wakwenza kwaziwa endabeni ephathelene nesihlahla sameva, lapho ebiza uJehova* ngokuthi ‘uNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe.’ + 38 UnguNkulunkulu wabaphilayo, akayena owabafile, ngoba bonke bayaphila kuye.” *+ 39 Besabela kulokhu, abanye bababhali bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.” 40 Ngoba babengasenaso nesibindi sokumbuza ngisho nombuzo owodwa.
41 Yena wababuza wathi: “Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide? + 42 Ngoba uDavide ngokwakhe uthi encwadini yamaHubo, ‘UJehova* wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokudla sami 43 ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’ + 44 Njengoba uDavide embiza ngokuthi Nkosi, angaba kanjani indodana yakhe?”
45 Lapho bonke abantu besalalele, wathi kubafundi bakhe: 46 “Xwayani ababhali abathanda ukuhambahamba begqoke izingubo ezinde, nokubingelelwa ezimakethe, nezihlalo eziphambili* emasinagogeni, nezindawo ezivelele kunazo zonke ezidlweni zakusihlwa, + 47 abashaqa izindlu* zabafelokazi, benze nemithandazo emide ukuze babukise.* Laba bayothola isahlulelo esinzima kakhulu.”