10 Izaga zikaSolomoni. +
Indodana ehlakaniphile yenza uyise ajabule, +
Kodwa eyisiphukuphuku iwusizi lukanina.
2 Ingcebo etholakale ngobubi ngeke izuzise,
Kodwa ukwenza okulungile yikho okukhulula ekufeni. +
3 UJehova ngeke abangele ukuba olungile alambe, +
Kodwa omubi uyomncisha lokho akuhalelayo.
4 Izandla ezivilaphayo ziyobanga inhlupheko, +
Kodwa izandla ezikhuthele zenza umuntu acebe. +
5 Indodana eyenza ngokuqondisisa ibutha isivuno ngesikhathi sasehlobo,
Kodwa indodana eyenza ngokuhlazisayo ilele zwi ngesikhathi sokuvuna. +
6 Izibusiso zisekhanda lolungile, +
Kodwa umlomo womubi ufihla ubudlova.
7 Olungile uyokhunjulwa, kukhulunywe kahle ngaye, +
Kodwa igama lomubi liyobola. +
8 Ohlakaniphile enhliziyweni uyozamukela iziqondiso, +
Kodwa okhuluma ubuwula uyonyathelwa phansi. +
9 Ohamba ngobuqotho uyohamba ngokulondeka, +
Kodwa ogwegwisa izindlela zakhe uyobanjwa. +
10 Ocifa iso ngobuqili ubangela usizi, +
Nokhuluma ubuwula uyonyathelwa phansi. +
11 Umlomo wolungile ungumthombo wokuphila, +
Kodwa umlomo womubi ufihla ubudlova. +
12 Yinzondo ephehla imibango,
Kodwa uthando lumboza zonke izeqo. +
13 Ezindebeni zomuntu oqondayo kutholakala ukuhlakanipha, +
Kodwa induku ingeyomhlane womuntu ontula ukuhlakanipha. +
14 Abahlakaniphile baqongelela ulwazi, +
Kodwa umlomo wesiwula uzibizela incithakalo. +
15 Ingcebo yesigwili iyidolobha laso elinezivikelo eziqinile.
Incithakalo yabantu abahluphekayo ingubumpofu babo. +
16 Umphumela womsebenzi wolungile ungukuphila;
Kodwa umkhiqizo womubi uyisono. +
17 Olalela isiyalo uyindlela eya ekuphileni,
Kodwa ongakunaki ukusolwa uphambukisa abanye.
18 Ofihla inzondo yakhe ukhuluma amanga, +
Nosakaza imibiko elimazayo uyisiphukuphuku.
19 Lapho amazwi emaningi, akwenzeki kungabi nasiphambeko, +
Kodwa noma ubani olawula izindebe zakhe wenza ngokuqonda. +
20 Ulimi lolungile lunjengesiliva lekhethelo, +
Kodwa inhliziyo yomubi ayibaluleke ngalutho.
21 Izindebe zolungile zondla abantu abaningi, +
Kodwa abayiziwula bayafa ngenxa yokuntula ukuhlakanipha. +
22 Yisibusiso sikaJehova esenza umuntu acebe, +
Akenezeli ubuhlungu kanye naso.
23 Ukuziphatha okuhlazisayo kufana nomdlalo koyisiphukuphuku,
Kodwa ukuhlakanipha kungokomuntu onokuqonda. +
24 Lokho omubi akwesabayo kuyomfikela;
Kodwa olungile uyonikwa akufisayo. +
25 Lapho isivunguvungu sidlula, omubi uyobe engasekho, +
Kodwa olungile unjengesisekelo esimi kuze kube phakade. +
26 Njengoviniga emazinyweni nanjengentuthu emehlweni,
Unjalo umuntu oyivila kulowo omthumayo.
27 Ukwesaba uJehova kwelula izinsuku, +
Kodwa iminyaka yomubi iyofinyezwa. +
28 Okulindelwe olungile kuletha injabulo, +
Kodwa ithemba lomubi liyoshabalala. +
29 Indlela kaJehova iyisiphephelo sabangasoleki, +
Kodwa iyincithakalo kwabenza okubi. +
30 Olungile akasoze enziwa ukuba awe, +
Kodwa omubi ngeke esahlala emhlabeni. +
31 Umlomo wolungile uveza ukuhlakanipha,
Kodwa ulimi olukhohlakele luyonqunywa.
32 Izindebe zolungile ziyakwazi okujabulisayo,
Kodwa umlomo womubi wonakele.