U-Isaya
Lowo engimthandayo wayenensimu yamagilebhisi egqumeni elivundile.
2 Wayimba, wakhipha amatshe.
Watshala kuyo amagilebhisi abomvu ekhethelo,
Wakha umbhoshongo maphakathi nayo,
Waqopha itshe wenza isikhamo sewayini kuyo. +
Wayelokhu ethemba ukuthi izothela amagilebhisi amahle,
Kodwa yavele yathela amagilebhisi asendle kuphela. +
3 “Manje, nina bantu baseJerusalema nani madoda akwaJuda,
Ngicela nahlulele phakathi kwami nensimu yami. +
Kungani ithele amagilebhisi asendle kuphela,
Kuyilapho bengithembe ukuthi izothela amagilebhisi amahle?
5 Ngicela ukunitshela
Ngalokho engizokwenza ensimini yami yamagilebhisi:
Ngizosusa uthango lwayo,
Ishiswe ngomlilo. +
Ngizobhidliza udonga lwayo lwamatshe,
Futhi iyonyathelwa.
7 Insimu yamagilebhisi kaJehova wamabutho iyindlu ka-Israyeli; +
Abantu bakwaJuda bayinsimu* ayeyithanda.
Wayelokhu ethemba ukubona ubulungisa, +
Kodwa, bheka! babungekho ubulungisa;
Ukuthola ukulunga,
Kodwa, bheka! ukukhala ngenxa yokucindezeleka.” +
8 Maye kulabo abahlanganisa indlu nenye indlu +
Nakulabo abathasisela insimu kwenye insimu +
Kuze kuphele indawo
Nize nihlale nodwa ezweni!
9 UJehova wamabutho ufunge ezindlebeni zami
Ukuthi izindlu eziningi, nakuba zizinkulu futhi zizinhle,
Ziyoba yinto eshaqisayo,
Kungabi namuntu ohlala kuzo. +
11 Maye kulabo abavuka ekuseni ukuze baphuze utshwala, +
Abahlala kuze kube sebusuku baze badakwe yiwayini!
12 Kunehabhu nensimbi yomculo enezintambo,
Ithamborini, umtshingo newayini emadilini abo;
Kodwa abawunaki umsebenzi kaJehova,
Abawuboni umsebenzi wezandla zakhe.
13 Ngakho abantu bami bayodingiswa
Ngenxa yokuthi abangazi; +
Amadoda abo akhazimulayo ayobulawa yindlala, +
Bonke abantu babo bayokoma.
Lawuvula kakhulu umlomo walo; +
Ubukhazikhazi* beJerusalema, isixuku salo esinomsindo, nabantu balo abathanda injabulo
Bayokwehlela kulo nakanjani.
16 UJehova wamabutho uyophakanyiswa ngenxa yesahlulelo* sakhe;
UNkulunkulu weqiniso, oNgcwele, + uyozingcwelisa ngokulunga. +
17 Amawundlu ayoklaba njengasedlelweni lawo;
Izifiki ziyodla endaweni eyincithakalo okwakudla kuyo izilwane ezondlekile.
18 Maye kulabo abaqamba amanga! Ngamanga abo badonsa isiphambeko nesono
Njengesilwane esidonsa inqola ngezintambo;
19 Labo abathi: “Makawusheshise umsebenzi wakhe;
Mawufike ngokushesha ukuze siwubone.
20 Maye kulabo abathi okuhle kubi nokubi kuhle, +
Labo ababeka ubumnyama esikhundleni sokukhanya nokukhanya esikhundleni sobumnyama,
Labo ababeka okubabayo esikhundleni sokumnandi nokumnandi esikhundleni sokubabayo!
22 Maye kulabo abadume ngokuphuza iwayini
Nasemadodeni angompetha bokudidiyela utshwala, +
23 Labo abathi omubi akanacala ukuze bathole isifumbathiso +
Nabangamenzeli ubulungisa olungile! +
24 Ngakho-ke, njengoba nje ilangabi lishisa izinhlanga
Notshani obomile buphelela emalangabini,
Zona kanye izimpande zabo ziyobola,
Nezimbali zabo ziyosakazeka njengothuli,
Ngoba bawalile umthetho* kaJehova wamabutho
Badelela izwi loNgcwele ka-Israyeli. +
25 Yingakho intukuthelo kaJehova ibavuthela abantu bakhe,
Uyokwelula isandla sakhe ngokumelene nabo abashaye. +
Izintaba ziyozamazama,
Nezidumbu zabo ziyoba njengemfucumfucu emigwaqweni. +
Ngenxa yakho konke lokhu,* akayekanga ukubathukuthelela,
Kodwa isandla sakhe sisalokhu siluliwe ukuze abashaye.
26 Usiphakamisele isibonakaliso* isizwe esikude; +
Wasishayela ikhwela ukuba size sivela emkhawulweni womhlaba; +
Bheka! siza ngejubane. +
27 Akekho okhathele nokhubekayo kuso.
Akekho owozelayo nolalayo.
Amabhande asezinkalweni zabo awaxegi,
Nemichilo yezimbadada zabo ayigqashukile.
Sizogwavuma sibambe inyamazane
Sihambe nayo kungekho muntu ozoyikhulula.
Noma ubani ogqolozela izwe, uyobona ubumnyama obucindezelayo;
Ngisho nokukhanya sekumnyama ngenxa yamafu. +