Eyokuqala KaJohane
4 Bathandekayo, ningakholwa yizo zonke izimfundiso* okuthiwa zivela kuNkulunkulu, + kodwa zivivinyeni izimfundiso* ukuze nibone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini, + ngoba sekukhona abaprofethi abaningi bamanga ezweni. +
2 Imfundiso evela kuNkulunkulu niyazi ngalokhu: Zonke izimfundiso ezivuma uJesu Kristu njengowafika enyameni zivela kuNkulunkulu. + 3 Kodwa zonke izimfundiso ezingamvumi uJesu aziveli kuNkulunkulu. + Ngaphezu kwalokho, yiyo le imfundiso yomphik’ ukristu enezwa ukuthi iyeza, + futhi manje isisezweni kakade. +
4 Bantwanyana, nivela kuNkulunkulu, futhi nibanqobile, *+ ngoba lowo onobunye nani + mkhulu kunalowo onobunye nezwe. + 5 Bavela ezweni; + yingakho bekhuluma okuvela ezweni futhi izwe libalalela. + 6 Thina sivela kuNkulunkulu. Noma ubani owazi uNkulunkulu uyasilalela; + noma ubani ongaveli kuNkulunkulu akasilaleli. + Yile ndlela esihlukanisa ngayo imfundiso yeqiniso nemfundiso engamanga. +
7 Bathandekayo, masiqhubeke sithandana + ngoba uthando luvela kuNkulunkulu, wonke umuntu onothando uzelwe uNkulunkulu futhi uyamazi uNkulunkulu. + 8 Noma ubani ongenalo uthando akamazi uNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uluthando. + 9 Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwaboniswa kithi, ngokuthi uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa + ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo. + 10 Uthando lusho lokhu, akukhona ukuthi thina siye samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo *+ wezono zethu. +
11 Bathandekayo, uma kuyile ndlela uNkulunkulu asithanda ngayo, khona-ke nathi sibophekile ukuba sithandane. + 12 Akekho umuntu owake wabona uNkulunkulu. + Uma siqhubeka sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi nothando lwakhe lwenziwa luphelele kithi. + 13 Ngalokhu siyazi ukuthi sihlale simunye naye futhi naye emunye nathi, ngoba usinike umoya wakhe. 14 Ngaphezu kwalokho, nathi ngokwethu sibonile futhi siyafakaza ukuthi uBaba uthumele iNdodana yakhe njengomsindisi wezwe. + 15 Noma ubani ovumayo ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, + uNkulunkulu uhlala emunye nomuntu onjalo naye abe munye noNkulunkulu. + 16 Nathi siye salwazi futhi siyalukholelwa uthando uNkulunkulu analo ngathi. +
UNkulunkulu uluthando, + futhi lowo ohlala othandweni uhlala emunye noNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala emunye naye. + 17 Uthando lwenziwe lwaphelela ngale ndlela kithi, ukuze sibe nenkululeko yokukhuluma *+ ngosuku lokwahlulela, ngoba njengoba nje lowo enjalo, sinjalo nathi kuleli zwe. 18 Akukho ukwesaba othandweni, + kodwa uthando oluphelele luphonsa ukwesaba ngaphandle,* ngoba ukwesaba kuyasivimbela. Ngempela, lowo owesabayo akazange enziwe aphelele othandweni. + 19 Siyathanda ngoba yena wasithanda kuqala. +
20 Uma umuntu ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kodwa ebe ezonda umfowabo, ungumqambimanga. + Ngoba ongamthandi umfowabo + ambonile, akakwazi ukuthanda uNkulunkulu angambonanga. + 21 Futhi sinalo myalo ovela kuye, wokuthi othanda uNkulunkulu kumele athande nomfowabo. +