U-Isaya
30 “Maye emadodaneni anenkani,” + kusho uJehova,
“Afeza amacebo okungewona awami, +
Enza izivumelwano* kodwa hhayi ngomoya wami,
Ukuze anezele isono kwesinye isono.
2 Ayahamba aye eGibhithe + engakhulumanga nami, *+
Ukuze ayokhosela ngaphansi kwesivikelo* sikaFaro
Nokuba aphephele emthunzini weGibhithe!
3 Kodwa isivikelo sikaFaro siyoba yisizathu sokuhlazeka,
Ukuphephela emthunzini weGibhithe kube yimbangela yokululazeka. +
5 Bonke bayoba namahloni
Ngesizwe esingeke sibazuzise ngalutho,
Esingasizi nesingazuzisi ngalutho,
Kodwa esibangela amahloni nesihlazanayo.” +
6 Isimemezelo ngokumelene nezilwane zaseningizimu:
Izithunywa zibeka umnotho wazo emhlane wezimbongolo,
Nempahla yazo emalundeni amakamela,
Zidabule ezweni lokucindezeleka nelobunzima,
Lebhubesi, ibhubesi elibhongayo,
Lenyoka nenyoka yomlilo endizayo.*
Kodwa lezi zinto ngeke zisizuzise ngalutho lesi sizwe.
7 Usizo lwaseGibhithe luyinto engathi shu. +
Ngakho ngilibize ngokuthi: “URahabi, + ohlalayo nje angenzi lutho.”
8 “Manje hamba, bhala la mazwi etsheni eliyisicaba phambi kwabo,
Wabhale encwadini, +
Ukuze asebenze osukwini oluzayo,
Abe ubufakazi kuze kube phakade. +
10 Sithi kubaboni, ‘Akumele nibone,’
Nakulabo ababona imibono, ‘Ningasitsheli imibono eyiqiniso. +
Sitsheleni izinto ezizosikitaza izindlebe;* bonani imibono ekhohlisayo. +
11 Chezukani endleleni; phambukani endleleni.
Yekani ukubeka phambi kwethu oNgcwele ka-Israyeli.’ ” +
12 Ngakho-ke yilokhu oNgcwele ka-Israyeli akushoyo:
“Ngenxa yokuthi nilenqabile leli zwi, +
Nathembela ekukhwabaniseni nasekukhohliseni
Nancika kukho, +
13 Lesi siphambeko siyoba njengodonga olubhidlikile kini,
Njengodonga oluphakeme oluvokomele oseluzowa.
Luyobhidlika ngokuzumayo, ngomzuzwana.
14 Luyophihlizwa njengembiza enkulu yobumba,
Ephihlizwe ngokuphelele kwangasala ngisho nezicucu
Okungahhalwa ngazo umlilo eziko
Noma okungakhiwa ngazo amanzi exhaphozini.”*
15 Ngoba yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli ekushoyo:
“Niyosindiswa ngokuba nibuyele kimi futhi niphumule.
Niyoba namandla uma nizola futhi ningethemba.” +
Kodwa anithandanga. +
16 Kunalokho nathi: “Cha, sizogibela amahhashi sibaleke!”
Ngakho nizobaleka.
“Sizogibela amahhashi anejubane!” +
Ngakho labo abanijahayo bazoba nejubane. +
17 Inkulungwane iyokwesatshiswa umuntu oyedwa; +
Niyobaleka ngenxa yokwesatshiswa abantu abahlanu
Kuze kube yilapho senisele njengensika esiqongweni sentaba,
Nanjengesigxobo esiwuphawu egqumeni. +
18 Kodwa uJehova ulinde ngesineke* ukuze anibonise umusa, +
Uyothatha isinyathelo ukuze anibonise isihe. +
Ngoba uJehova unguNkulunkulu wobulungisa. +
Bayajabula bonke abahlala bemlindele. *+
19 Lapho abantu behlala eZiyoni, eJerusalema, + ngeke neze ukhale. + Nakanjani uyokubonisa umusa lapho kuzwakala ukukhala kwakho; ngokushesha lapho ekuzwa uyokuphendula. + 20 Nakuba uJehova eyoninika usizi njengesinkwa nokucindezeleka njengamanzi, + uMfundisi wakho Omkhulu ngeke esazifihla, uyombona ngamehlo uMfundisi wakho Omkhulu. + 21 Uma kwenzeka nishiya indlela efanele niya ngakwesokudla noma ngakwesobunxele, izindlebe zenu ziyozwa izwi ngemva kwenu lithi, “Nansi indlela. + Hambani ngayo.” +
22 Niyongcolisa imifanekiso yenu ebaziwe enanyekwe ngesiliva nezithombe zenu zensimbi* ezinanyekwe ngegolide. + Niyozilahla njengengubo esetshenziswa owesifazane osesikhathini, nithi kuzo: “Sukani lapha!” *+ 23 Uyoletha imvula yokunisela imbewu yenu eniyihlwanyele emhlabathini, + nesinkwa esikhiqizwa umhlabathi siyoba siningi sibe nomsoco. *+ Ngalolo suku imfuyo yenu iyoklaba emadlelweni avulekile. + 24 Izinkomo nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyodla ifolishi elinongwe ngesimuncwane, elihlungwa ngehalavu nangemfoloko. 25 Phezu kwazo zonke izintaba eziphakeme naphezu kwawo wonke amagquma aphakeme kuyoba khona imifudlana nemisele yamanzi, + ngosuku lokuhlaba okukhulu lapho imibhoshongo iwa. 26 Ukukhanya kwenyanga egcwele kuyoba njengokukhanya kwelanga; nokukhanya kwelanga kuyoba namandla ngokuphindwe kasikhombisa, + njengokukhanya kwezinsuku eziyisikhombisa, ngosuku uJehova abopha ngalo ukuphuka kwabantu bakhe, + apholise nenxeba elibi lomvimbo obangelwe nguye. +
27 Bheka! Igama likaJehova liza livela kude,
Livutha ngentukuthelo yakhe nangamafu amnyama.
Izindebe zakhe zigcwele ulaka,
Nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo. +
28 Umoya wakhe unjengesikhukhula esinamandla esifinyelela entanyeni,
Ukuze unyakazise izizwe ngesisefo sembubhiso;*
Izizwe ziyofakwa amatomu emihlathini yazo + ayozenza ziduke.
29 Kodwa ingoma yakho iyoba njengengoma eculwa ebusuku
Lapho ulungiselela* umkhosi, +
Nenhliziyo yakho iyojabula njengeyomuntu
Ohamba ephethe umtshingo
Elibangise entabeni kaJehova, eDwaleni lika-Israyeli. +
30 UJehova uyokwenza ukuba izwi lakhe elinamandla + lizwakale
Enze ingalo yakhe ibonakale + njengoba yehla ngentukuthelo, +
Ngelangabi lomlilo oqothulayo, +
32 Ukushwibeka ngakunye kwenduku yakhe yokujezisa
UJehova ayoyiletha phezu kwe-Asiriya
Kuyohambisana namathamborini namahabhu +
Njengoba ebaphakamisela isandla sakhe empini. +
Wenze indawo yokubeka izinkuni yajula futhi yaba banzi,
Umlilo nezinkuni kuningi.
Ukuphefumula kukaJehova, njengomfula wesibabule,*
Kuyolishisa.