UJehova—UNKulunkulu Ofundisayo
“Bonke bayofundiswa uJehova.”—JOHANE 6:45.
1. Yini uJesu ayenzayo manje eKapernawume?
UJESU KRISTU usanda kwenza izimangaliso futhi manje ubonakala efundisa esinagogeni eKapernawume, ngasoLwandle LwaseGalile. (Johane 6:1-21, 59) Abaningi bazwakalisa ukungakholwa lapho ethi: “Ngehle ezulwini.” Bayakhononda: “Lona akuyena yini uJesu indodana kaJosefa, esibaziyo oyise nonina? Usho kanjani manje ukuthi, ‘Ngehle ezulwini’?” (Johane 6:38, 42) Ebakhuza, uJesu uthi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile, emdonsa; futhi mina ngizomvusa ngosuku lokugcina.”—Johane 6:44.
2. Yisiphi isizathu esikhona sokukholelwa isithembiso sikaJesu ngovuko?
2 Yeka isithembiso esimangalisayo—ukuvuswa ngosuku lokugcina, lapho uMbuso kaNkulunkulu usubusa! Singasikholelwa lesi sithembiso ngoba siqinisekiswa uBaba, uJehova uNkulunkulu. (Jobe 14:13-15; Isaya 26:19) Ngempela, uJehova, ofundisa ukuthi abafileyo bayovuka, ‘ungumfundisi omkhulu kunabo bonke.’ (Jobe 36:22, Today’s English Version) Ebhekisela ekufundiseni kukaYise, uJesu ube esethi: “Kulotshiwe kubaProfethi ukuthi, ‘Futhi bonke bayofundiswa uJehova.’”—Johane 6:45.
3. Yimiphi imibuzo esizoyicabangela?
3 Ngokuqinisekile, bekuyoba ilungelo ukuba phakathi kwalabo umprofethi u-Isaya abhala ngabo: “Bonke abantwana bakho [“amadodana,” NW] bayakuba-ngabafundi bakaJehova.” (Isaya 54:13) Kungenzeka yini sibe yiwo? Obani abaye baba njengamadodana kuye futhi abaye bamukela izimfundiso zakhe? Yiziphi izimfundiso zikaJehova ezibalulekile okumelwe sizazi futhi senze ngokuvumelana nazo ukuze sithole isibusiso sakhe? UJehova wafundisa kanjani esikhathini esidlule, futhi ingabe ufundisa ngendlela efanayo namuhla? Lena imibuzo esizoyicabangela.
UBaba, UMfundisi, UMyeni
4. Yimaphi amadodana kaJehova okuqala athola izimfundiso zakhe?
4 UJehova waba uBaba noMfundisi okokuqala lapho edala iNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu ngaphambi kokuba abe umuntu. Lona ubizwa ngokuthi “uLizwi” ngoba unguMkhulumeli kaJehova Oyinhloko. (Johane 1:1, 14; 3:16) ULizwi wayenoYise “eyingcweti yomsebenzi,” futhi wafunda okuningi emfundisweni kaYise. (IzAga 8:22, 30) Eqinisweni, waba iNxusa, noma ithuluzi, uBaba adala ngalo zonke ezinye izinto, kuhlanganise ‘namadodana kaNkulunkulu’ omoya. Yeka ukuthi kumelwe ukuba ajabula kanjani ngokufundiswa uNkulunkulu! (Jobe 1:6; 2:1; 38:7; Kolose 1:15-17) Kamuva, kwadalwa umuntu wokuqala, u-Adamu. Naye ‘wayeyindodana kaNkulunkulu,’ futhi iBhayibheli lembula ukuthi uJehova wamfundisa.—Luka 3:38; Genesise 2:7, 16, 17.
5. Yiliphi ilungelo eliyigugu elalahlwa u-Adamu, kodwa obani uJehova abafundisa, futhi ngani?
5 Ngokudabukisayo, u-Adamu, ngokungalaleli kwakhe ngamabomu, walahla ilungelo lokuqhubeka eyindodana kaNkulunkulu. Ngakho-ke, inzalo yakhe yayingenakusho ukuthi izalwe inobuhlobo bokuba amadodana kaNkulunkulu. Kodwa, uJehova wabafundisa abantu abangaphelele ababefuna isiqondiso kuye. Ngokwesibonelo, uNowa, waba ‘indoda eqotho, eyayihamba noNkulunkulu,’ futhi ngenxa yalokho uJehova wamfundisa uNowa. (Genesise 6:9, 6:13–7:5) Ngokulalela kwakhe, u-Abrahama waba “umngane kaJehova,” futhi ngenxa yalokho naye wafundiswa uJehova.—Jakobe 2:23; Genesise 12:1-4; 15:1-8; 22:1, 2.
6. Obani uJehova ayebabheka ‘njengendodana’ yakhe, futhi wayeluhlobo luni lomfundisi kubo?
6 Kamuva impela, phakathi nosuku lukaMose, uJehova wangenela ubuhlobo besivumelwano nesizwe sakwa-Israyeli. Ngenxa yalokho, leso sizwe saba abantu bakhe abakhethiwe futhi sabhekwa ‘njengendodana’ yakhe. UNkulunkulu wathi: “UIsrayeli uyindodana yami.” (Eksodusi 4:22, 23; 19:3-6; Duteronomi 14:1, 2) Ngenxa yalobo buhlobo besivumelwano, ama-Israyeli ayengase asho, njengoba kwaloba umprofethi u-Isaya: “Wena-Jehova unguBaba.” (Isaya 63:16) UJehova wawuthatha umthwalo wakhe wemfanelo wokuba ubaba futhi wabafundisa ngothando abantwana bakhe, u-Israyeli. (IHubo 71:17; Isaya 48:17, 18) Eqinisweni, lapho beba abangakholeki, wabanxusa ngesihe: “Buyani, bantwana abahlehlayo.”—Jeremiya 3:14.
7. Yibuphi ubuhlobo u-Israyeli ayenabo noJehova?
7 Ngenxa yobuhlobo besivumelwano no-Israyeli, uJehova futhi waba uMyeni ongokomfanekiso walesi sizwe, sona saba umkakhe ongokomfanekiso. Umprofethi u-Isaya wabhala lokhu ngaso: “UMenzi wakho ungumyeni wakho, nguJehova-Sebawoti igama lakhe.” (Isaya 54:5; Jeremiya 31:32, qhathanisa ne-NW.) Nakuba uJehova ayifeza ngobuqotho indima yakhe njengoMyeni, isizwe sakwa-Israyeli saba umfazi ongakholekile. “Njengomfazi emkhohlisa umyeni,” kusho uJehova, “kanjalo ningikhohlisile nina-ndlu kaIsrayeli.” (Jeremiya 3:20) UJehova waqhubeka enxusa amadodana omkakhe ongenalo ukholo; waqhubeka ‘enguMfundisi Omkhulu’ wawo.—Isaya 30:20, NW; 2 IziKronike 36:15.
8. Nakuba u-Israyeli njengesizwe alahlwa uJehova, yimuphi umfazi ongokomfanekiso owayefanekiselwa asalokhu enaye?
8 Lapho u-Israyeli enqaba futhi ebulala iNdodana yaKhe, uJesu Kristu, uNkulunkulu wagcina emlahlile. Ngakho leso sizwe samaJuda asibange sisaba umkakhe ongokomfanekiso, futhi akabange esaba uBaba noMfundisi wamadodana alowo mfazi adukayo. (Mathewu 23:37, 38) Nokho, u-Israyeli wayemane engumfazi ofanekiselayo, noma ongokomfanekiso. Umphostoli uPawulu wacaphuna u-Isaya 54:1, okhuluma ‘ngowesifazane oyinyumba’ ongafani futhi ohlukile ‘kowesifazane onomyeni,’ isizwe sika-Israyeli wemvelo. UPawulu wembula ukuthi amaKristu agcotshiwe angabantwana ‘bowesifazane oyinyumba,’ ambiza ngokuthi “iJerusalema eliphezulu.” Lona wesifazane ongokomfanekiso owayefanekiselwa wakhiwa yinhlangano kaNkulunkulu yasezulwini yezidalwa zomoya.—Galathiya 4:26, 27.
9. (a) UJesu wayebhekisela kobani lapho ekhuluma ‘ngabantwana bakho abafundiswa uJehova’? (b) Abantu baba amadodana kaNkulunkulu angokomoya ngasiphi isisekelo?
9 Ngakho, esinagogeni laseKapernawume, lapho uJesu ecaphuna isiprofetho sika-Isaya esithi: “Bonke abantwana bakho bayakuba-ngabafundi bakaJehova,” wayekhuluma ngalabo ababeyoba “amadodana” ‘eJerusalema eliphezulu,’ inhlangano kaNkulunkulu yasezulwini enjengomfazi. Ngokwamukela izimfundiso zommeleli kaNkulunkulu owayevela ezulwini, uJesu Kristu, lezo zilaleli ezingamaJuda zazingaba abantwana bowesifazane wasezulwini kaNkulunkulu owayeyinyumba futhi bakhe “isizwe esingcwele,” “u-Israyeli kaNkulunkulu” ongokomoya. (1 Petru 2:9, 10; Galathiya 6:16) Echaza ithuba elihle uJesu alivula lokuba babe amadodana kaNkulunkulu angokomoya, umphostoli uJohane wabhala: “Wafika ekhaya lakubo siqu, kodwa abantu bakubo siqu abazange bamamukele. Nokho, bonke abamamukela, wabanika igunya lokuba abantwana bakaNkulunkulu, ngoba babebonisa ukholo egameni lakhe.”—Johane 1:11, 12.
Izimfundiso ZikaJehova Ezibalulekile
10. Ngokushesha ngemva kokuhlubuka e-Edene, yini uJehova ayifundisa ngokuqondene ‘nembewu,’ futhi yabonakala ingubani leMbewu?
10 UJehova, njengoBaba onothando, uyabazisa abantwana bakhe ngezinjongo zakhe. Ngakho, lapho ingelosi eyisihlubuki iyengela abantu ababili bokuqala ukuba bangalaleli, ngokushesha uJehova wabazisa ngalokho ayeyokwenza ukuze afeze injongo yakhe yokwenza umhlaba ube yipharadesi. Wathi wayeyofaka inzondo phakathi ‘kwenyoka yokuqala,’ enguSathane uDeveli, “nowesifazane.” Wabe esechaza ukuthi “imbewu” yowesifazane yayiyochoboza uSathane ‘ekhanda,’ imbulale. (Genesise 3:1-6, 15, qhathanisa ne-NW; IsAmbulo 12:9; 20:9, 10.) Njengoba siphawulile, owesifazane—kamuva owachazwa ngokuthi “iJerusalema eliphezulu”—uyinhlangano kaNkulunkulu yasezulwini yezidalwa zomoya. Kodwa ingubani “imbewu” yakhe? IyiNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, eyathunywa isuka ezulwini futhi okuyiyona eyobhubhisa uSathane ekugcineni.—Galathiya 4:4; Heberu 2:14; 1 Johane 3:8.
11, 12. UJehova wanezela kanjani emfundisweni yakhe ebalulekile ngokuphathelene ‘nembewu’?
11 UJehova wanezela kulemfundiso ebalulekile ephathelene ‘nembewu’ lapho ethembisa u-Abrahama: “Ngandise nokwandisa [imbewu] yakho, ibe-ngangezinkanyezi zezulu . . . [futhi ngembewu] yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba.” (Genesise 22:17, 18, qhathanisa ne-NW.) UJehova wasebenzisa umphostoli uPawulu ukuze achaze ukuthi uJesu Kristu uyiMbewu ethenjisiwe ka-Abrahama kodwa nabanye babeyoba ingxenye ‘yalembewu.’ “Uma ningabakaKristu,” kubhala uPawulu, “ngempela niyimbewu ka-Abrahama, izindlalifa ngokubhekiselwe esithembisweni.”—Galathiya 3:16, 29.
12 UJehova wembula nokuthi uKristu, iMbewu, wayeyoza ngohlu lozalo lobukhosi lukaJuda nokuthi ‘izizwe ziyomlalela.’ (Genesise 49:10) Ngokuqondene neNkosi uDavide yesizwe sakwaJuda, uJehova wathembisa: “Ngiyakwenza [imbewu] yakhe ime kuze kube-phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe-njengezinsuku zezulu. [Imbewu] yakhe iyakuma phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe-njengelanga phambi kwami.” (IHubo 89:3, 4, 29, 36, qhathanisa ne-NW.) Lapho ingelosi uGabriyeli imemezela ukuzalwa kukaJesu, yachaza ukuthi umntwana wayenguMbusi kaNkulunkulu omisiwe, iMbewu kaDavide. “Lena iyoba nkulu futhi iyobizwa ngokuthi iNdodana YoPhezukonke,” kusho uGabriyeli, “futhi uJehova uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, . . . futhi umbuso wayo ngeke ube nakuphela.”—Luka 1:32, 33; Isaya 9:6, 7; Daniyeli 7:13, 14.
13. Ukuze sithole isibusiso sikaJehova, kumelwe sisabele kanjani ekufundiseni kwakhe?
13 Ukuze sithole isibusiso sikaJehova, kumelwe sazi futhi senze ngokuvumelana nalemfundiso ebalulekile ngoMbuso kaNkulunkulu. Kumelwe sikholelwe ukuthi uJesu wehla evela ezulwini, ukuthi uyiNkosi kaNkulunkulu emisiwe—iMbewu yasebukhosini eyoqondisa ukubuyiselwa kwePharadesi emhlabeni—nokuthi uyovusa abafileyo. (Luka 23:42, 43; Johane 18:33-37) EKapernawume lapho uJesu ekhuluma ngokuvusa abafileyo, kwakufanele kube sobala kumaJuda ukuthi wayekhuluma iqiniso. Phela, emasontweni ambalwa ngaphambili, cishe khona kanye eKapernawume, wayevuse indodakazi eneminyaka engu-12 ubudala yesikhulu esengamele isinagoge! (Luka 8:49-56) Ngokuqinisekile nathi sinezizathu ezanele zokukholelwa nokwenza ngokuvumelana nemfundiso kaJehova enikeza ithemba ephathelene noMbuso wakhe!
14, 15. (a) Ubaluleke kangakanani uMbuso kaJehova kuJesu? (b) Yini okudingeka siyiqonde futhi sikwazi ukuyichaza ngoMbuso kaJehova?
14 UJesu wanikela ukuphila kwakhe kwasemhlabeni ekufundiseni ngoMbuso kaJehova. Wawenza waba isihloko senkonzo yakhe, waze wayaleza nabalandeli bakhe ukuba bawuthandazele. (Mathewu 6:9, 10; Luka 4:43) AmaJuda emvelo ayesethubeni lokuba “amadodana ombuso,” kodwa ngenxa yokuntula ukholo, amaningi awo aphunyukwa yilelo lungelo. (Mathewu 8:12; 21:43) UJesu wembula ukuthi ‘umhlambi omncane’ kuphela othola ilungelo lokuba “amadodana ombuso.” ‘Lamadodana’ aba “izindlalifa ezikanye noKristu” eMbusweni wakhe wasezulwini.—Luka 12:32; Mathewu 13:38; Roma 8:14-17; Jakobe 2:5.
15 Zingaki izindlalifa zombuso uKristu ayoziyisa ezulwini ukuze zibuse naye phezu komhlaba? NgokweBhayibheli, zingu-144 000 kuphela. (Johane 14:2, 3; 2 Thimothewu 2:12; IsAmbulo 5:10; 14:1-3; 20:4) Kodwa uJesu wathi ‘wayenezinye izimvu,’ eziyoba izikhonzi zasemhlabeni zalokho kubusa koMbuso. Lezi ziyojabulela impilo ephelele nokuthula kuze kube phakade emhlabeni oyipharadesi. (Johane 10:16; IHubo 37:29; IsAmbulo 21:3, 4) Kudingeka siyiqonde futhi sikwazi ukuchaza imfundiso kaJehova ngoMbuso.
16. Iyiphi imfundiso kaJehova ebalulekile okudingeka siyifunde futhi siyenze?
16 Umphostoli uPawulu waveza enye imfundiso kaJehova ebalulekile. Wathi: “Nina ngokwenu nifundiswa uNkulunkulu ukuba nithandane.” (1 Thesalonika 4:9) Ukuze sijabulise uJehova, kudingeka sibonise uthando olunjalo. “UNkulunkulu uluthando,” kusho iBhayibheli, futhi kumelwe silingise isibonelo sakhe sokubonisa uthando. (1 Johane 4:8; Efesu 5:1, 2) Ngokudabukisayo, abantu abaningi baye bahluleka ngendlela ebanga usizi ukufunda ukuthanda abantu abaphila nabo ngendlela uNkulunkulu asifundisa ukuba senze ngayo. Kuthiwani ngathi? Siye sasabela kulemfundiso kaJehova?
17. Yisimo sengqondo sobani okumelwe sisilingise?
17 Kubalulekile ukuba sizamukele zonke izimfundiso zikaJehova. Kwangathi isimo sethu sengqondo singaba njengesabahubi beBhayibheli ababhala: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho. Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise.” “Ngifundise izimiso zakho. Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi . . . Ngifundise izahlulelo zakho.” (IHubo 25:4, 5; 119:12, 66, 108) Uma imizwa yakho ifana neyabahubi, ungaba phakathi kwesixuku esikhulu esifundiswa uJehova.
Isixuku Esikhulu Sabafundiswayo
18. Yini umprofethi u-Isaya abikezela ukuthi yayiyokwenzeka esikhathini sethu?
18 Umprofethi u-Isaya wabikezela okwakuyokwenzeka esikhathini sethu: “Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba . . . Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe.” (Isaya 2:2, 3, omalukeke sizenzele; Mika 4:2.) Bangobani laba bantu abafundiswa uJehova?
19. Obani namuhla abaphakathi kwalabo abafundiswa uJehova?
19 Phakathi kwabo kunabanye ngaphandle kwalabo abayobusa noKristu ezulwini. Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, uJesu wathi ‘wayenezinye izimvu’—izikhonzi zoMbuso zasemhlabeni—ngaphandle ‘komhlambi omncane’ wezindlalifa zoMbuso. (Johane 10:16; Luka 12:32) “Isixuku esikhulu,” esisinda “osizini olukhulu,” singesesigaba sezinye izimvu, futhi sijabulela ukuma okwamukelekayo phambi kukaJehova ngesisekelo sokholo lwaso egazini likaJesu elachitheka. (IsAmbulo 7:9, 14) Nakuba ezinye izimvu zingahlanganisiwe ngokuqondile ‘emadodaneni’ okukhulunywa ngawo ku-Isaya 54:13, zibusisiwe ngokufundiswa uJehova. Ngakho-ke, ngokufanelekile zibiza uNkulunkulu ngokuthi “Baba” ngoba, eqinisweni, uyoba uMkhulu wazo ‘ngoYise Ongunaphakade,’ uJesu Kristu.—Mathewu 6:9; Isaya 9:6.
Indlela UJehova Afundisa Ngayo
20. Yiziphi izindlela uJehova afundisa ngazo?
20 UJehova ufundisa ngezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, ufundisa ngemisebenzi yakhe yendalo, efakazela ukuba khona kwakhe nokuhlakanipha kwakhe okukhulu. (Jobe 12:7-9; IHubo 19:1, 2; Roma 1:20) Ngaphezu kwalokho, ufundisa ngokukhuluma nabantu ngokuqondile, njengoba enza lapho efundisa uJesu ngaphambi kokuba abe umuntu. Ngokufanayo, ezehlakalweni ezintathu ezilotshiwe, wakhuluma ngokuqondile nabantu emhlabeni esezulwini.—Mathewu 3:17; 17:5; Johane 12:28.
21. Iyiphi ingelosi uJehova ayisebenzisa ngokukhethekile njengommeleli wakhe, kodwa sazi kanjani ukuthi nezinye zasetshenziswa?
21 UJehova usebenzisa nabameleli bakhe abayizingelosi ekufundiseni, kuhlanganise neZibulo lakhe, “uLizwi.” (Johane 1:1-3) Nakuba uJehova ayengakhuluma ngokuqondile nendodana yakhe engumuntu ophelele, u-Adamu, ensimini yase-Edene, cishe wasebenzisa uJesu ngaphambi kokuba abe umuntu ukuba amkhulumele. (Genesise 2:16, 17) Cishe nguye ‘oyingelosi kaNkulunkulu eyayihamba phambi kwempi kaIsrayeli’ futhi uJehova ayala lokhu ngayo: “Ulalele izwi layo.” (Eksodusi 14:19; 23:20, 21) Ngokungangabazeki uJesu ngaphambi kokuba abe umuntu nguye futhi ‘isikhulu sebandla likaJehova’ esabonakala kuJoshuwa ukuze simqinise. (Joshuwa 5:14, 15) UJehova usebenzisa nezinye izingelosi ukuze adlulisele izimfundiso zakhe, njengalezo azisebenzisela ukunikeza uMose uMthetho wakhe.—Eksodusi 20:1; Galathiya 3:19; Heberu 2:2, 3.
22. (a) Obani emhlabeni uJehova aye wabasebenzisa ekufundiseni? (b) Iyiphi indlela eyinhloko uJehova abafundisa ngayo abantu namuhla?
22 Ngaphezu kwalokho, uJehova uNkulunkulu usebenzisa abameleli abangabantu ukuba bafundise. Abazali kwa-Israyeli kwakumelwe bafundise abantwana babo; abaprofethi, abapristi, izikhulu, namaLevi babefundisa isizwe uMthetho kaJehova. (Duteronomi 11:18-21; 1 Samuweli 12:20-25; 2 IziKronike 17:7-9) UJesu wayenguMkhulumeli kaNkulunkulu oyinhloko emhlabeni. (Heberu 1:1, 2) UJesu wayevame ukuthi lokho ayekufundisa kwakuyilokho ayekufunde kuYise, ngakho eqinisweni, izilaleli zakhe zazifundiswa uJehova. (Johane 7:16; 8:28; 12:49; 14:9, 10) UJehova uye wenza ukuba amazwi akhe alotshwe, futhi osukwini lwethu ufundisa abantu ngokuyinhloko ngalemiBhalo ephefumulelwe.—Roma 15:4; 2 Thimothewu 3:16.
23. Yimiphi imibuzo ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?
23 Siphila ezikhathini ezibalulekile, njengoba imiBhalo ithembisa ukuthi ‘ngezinsuku zokugcina [esiphila kuzo] abantu abaningi bayofundiswa izindlela zikaJehova.’ (Isaya 2:2, 3, IBhayibheli lesiZulu Esidala; omalukeke sizenzele.) Inikezwa kanjani lemfundo? Yini okumelwe siyenze ukuze sizuze esimisweni sikaJehova esiqhubeka manje semfundo enhle futhi sihlanganyele kuso? Sizocabangela imibuzo enjalo esihlokweni esilandelayo.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ UJehova waba kanjani uBaba, uMfundisi, noMyeni?
◻ Yini uJehova ayifundisayo ngokuqondene ‘nembewu’?
◻ Iyiphi imfundiso kaNkulunkulu ebalulekile okumelwe siyigcine?
◻ UJehova ufundisa kanjani?
[Isithombe ekhasini 10]
Ukuvusa indodakazi kaJayiru kwanikeza isisekelo sokukholelwa esithembisweni sikaJesu sovuko