IzAga
2 Abacebile nabampofu bafana* ngalokhu:
Bonke benziwe uJehova. +
3 Onokuqonda uyayibona ingozi acashe,
Kodwa abangenalwazi bayaqhubeka behamba bese beyavuna.*
4 Umphumela wokuthobeka nokwesaba uJehova
Yingcebo, udumo nokuphila. +
5 Ameva nezicupho kusendleleni yomuntu oyiqili,
Kodwa noma ubani othanda ukuphila kwakhe uqhelela kude nakho. +
7 Ocebile ubusa abampofu,
Nobolekayo uyisigqila sobolekisayo. +
11 Othanda inhliziyo emsulwa nonenkulumo enomusa
Uyoba umngani wenkosi. +
12 Amehlo kaJehova alonda ulwazi,
Kodwa uyawachitha amazwi abakhohlisayo. +
13 Ivila lithi: “Kukhona ibhubesi ngaphandle!
Ngizobulawa esigcawini!” +
14 Umlomo wabesifazane abandindayo* ungumgodi ojulile. +
Olahlwe uJehova uyowela kuwo.
17 Lalelisisa* amazwi abahlakaniphile, +
Ukuze ugxilise inhliziyo yakho olwazini lwami, +
18 Ngoba kumnandi ukuwagcina ngaphakathi kuwe, +
Ukuze wonke abe sezindebeni zakho njalo. +
19 Ukuze ithemba lakho libe kuJehova,
Ngikunika ulwazi namuhla.
20 Angikulobelanga yini esikhathini esidlule,
Ngakunika izeluleko nolwazi,
21 Ukuze ngikufundise amazwi ayiqiniso nathembekile,
Ukuze ubuyisele umbiko onembile kulowo okuthumile?
22 Ungamphangi umuntu ompofu ngoba nje empofu, +
Futhi ungamchobozi umuntu ophansi esangweni ledolobha, +
23 Ngoba uJehova ngokwakhe uyomela udaba lwabo +
Athathe ukuphila kwalabo ababaphangayo.
24 Ungazihlanganisi nomuntu osheshe athukuthele
Noma usebenzelane nomuntu onesifuthefuthe sentukuthelo,
25 Ukuze ungafundi izindlela zakhe
Uzifake engozini. +
26 Ungabi phakathi kwalabo abenza isivumelwano* nabanye
Abenza isiqinisekiso sokuthi bazozikhokha izikweletu zabanye. +
27 Uma ungenakho ongakhokha ngakho,
Umbhede wakho uyothathwa!
28 Ungalugudluzi uphawu lomngcele wakudala
Olwabekwa okhokho bakho. +
29 Uke wambona umuntu onekhono emsebenzini wakhe?
Uyokuma phambi kwamakhosi; +
Ngeke ame phambi kwabantukazana.