11 Isikali esinganembile siyanengeka kuJehova,
Kodwa isisindo esinembile siyamjabulisa. +
2 Lapho kufika ukugabadela, kuzolandela ihlazo, +
Kodwa ukuhlakanipha kukwabanesizotha. +
3 Abaqotho baholwa ubuqotho babo, +
Kodwa abakhohlisayo bayoshabalaliswa ubuqili babo. +
4 Ingcebo ngeke izuzise ngosuku lolaka, +
Kodwa ukulunga yikona okuyokhulula ekufeni. +
5 Ukulunga kongasoleki kwenza indlela yakhe iqonde,
Kodwa omubi uyowa ngenxa yobubi bakhe. +
6 Ukulunga kwabaqotho kuyobakhulula, +
Kodwa abakhohlisayo bayobanjwa izifiso zabo. +
7 Lapho umuntu omubi efa, ithemba lakhe liyashabalala;
Namathemba asekelwe emandleni akhe ayashabalala. +
8 Olungile uyakhululwa osizini,
Omubi angene esikhundleni sakhe. +
9 Ngomlomo wakhe, oyisihlubuki uchitha umakhelwane wakhe,
Kodwa abalungile bakhululwa ulwazi. +
10 Ubuhle babalungile benza idolobha lijabule,
Futhi lapho ababi beshabalala, kuba khona ukukhamuluka kwenjabulo. +
11 Ngenxa yesibusiso sabaqotho idolobha liyaphakanyiswa, +
Kodwa umlomo wababi uyalidiliza. +
12 Noma ubani ontula ukuhlakanipha udelela umakhelwane wakhe,
Kodwa umuntu onokuqonda kwangempela uyathula. +
13 Umnyundeli uhambahamba embula indaba eyimfihlo, +
Kodwa umuntu othembekile uyayigcina imfihlo.
14 Lapho singekho isiqondiso esihlakaniphile, abantu bayawa,
Kodwa ngabeluleki abaningi kuba nempumelelo. +
15 Noma ubani owenza isiqinisekiso sokuthi uzosikhokha isikweletu somuntu oyisihambi nakanjani kuyomhambela kabi, +
Kodwa noma ubani okugwemayo ukwenza isivumelwano uyolondeka.
16 Owesifazane othandekayo uzuza udumo, +
Kodwa omashiqela bona bazuza ingcebo.
17 Umuntu onomusa uzizuzisa yena, +
Kodwa umuntu onesihluku uzilethela izinkinga. +
18 Omubi uthola inkokhelo eyize, +
Kodwa ohlwanyela ukulunga uthola umvuzo weqiniso. +
19 Okumela ngokuqinile ukulunga uyothola ukuphila, +
Kodwa ojahana nokubi uzibizela ukufa.
20 Abanezinhliziyo eziyizigwegwe bayanengeka kuJehova, +
Kodwa labo abandlela yabo ayisoleki bayamjabulisa. +
21 Qiniseka ngalokhu: Umuntu omubi ngeke ayekwe angajeziswa, +
Kodwa izingane zabalungile ziyophunyuka.
22 Njengendandatho yegolide ekhaleni lengulube
Unjalo owesifazane omuhle owenqaba ukuhlakanipha.
23 Isifiso sabalungile siholela kokuhle, +
Kodwa ithemba lababi libangela ulaka.
24 Umuntu upha ngokukhululekile agcine esenokuningi; +
Omunye uyakugodla okufanele akuphe abanye, kodwa abe mpofu. +
25 Umuntu ophanayo uyochuma, +
Noma ubani owenza abanye baqabuleke naye uyoqabuleka. +
26 Abantu bayomqalekisa umuntu ogodla ukudla okusanhlamvu,
Kodwa bayombusisa lowo okudayisayo.
27 Okhuthalele ukwenza okuhle ufuna umusa, +
Kodwa othungatha okubi—yilokho okuyomehlela. +
28 Othembela engcebweni yakhe uyowa, +
Kodwa abalungile bayokhephuzela njengamahlamvu. +
29 Noma ubani olethela indlu yakhe inkathazo uyothola umoya, +
Umuntu oyisiwula uyoba inceku yohlakaniphile enhliziyweni.
30 Izithelo zolungile ziyisihlahla sokuphila, +
Nalowo ozuza imiphefumulo uhlakaniphile. +
31 Uma olungile ethola umvuzo ngakwenzile emhlabeni,
Kangakanani-ke ngomubi nesoni! +