Eyokuqala KwabaseKorinte
3 Ngakho bafowethu, angikwazanga ukukhuluma nani njengokungathi ngikhuluma nabantu abaqondiswa umoya kaNkulunkulu, + kodwa njengabantu abalandela izifiso zenyama, njengezinsana + kuKristu. 2 Nganondla ngobisi, hhayi ngokudla okuqinile, ngoba naningakaqini ngokwanele. Eqinisweni, namanje anikaqini ngokwanele, + 3 ngoba nisengabantu abalandela izifiso zenyama. + Ngoba njengoba kukhona umhawu nombango phakathi kwenu, anibona yini abalandela izifiso zenyama + futhi anihambi yini njengoba kuhamba abantu? 4 Ngoba uma omunye ethi, “Mina ngingokaPawulu,” kodwa omunye athi, “Mina ngingoka-Apholo,” + anenzi yini njengabantu abavamile?
5 Ungubani-ke u-Apholo? Ungubani uPawulu? Yizikhonzi + enaba amakholwa ngazo, njengoba nje iNkosi yanikeza umuntu ngamunye. 6 Mina ngatshala, + u-Apholo wanisela, + kodwa uNkulunkulu waqhubeka ekhulisa, 7 ngakho lowo otshalayo akalutho nalowo oniselayo akalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo nguye owutho. + 8 Lowo otshalayo nalowo oniselayo bamunye,* kodwa umuntu ngamunye uyokwamukela umvuzo wakhe ngokomsebenzi wakhe. + 9 Ngoba siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu. Nina niyinsimu kaNkulunkulu elinywayo, isakhiwo sikaNkulunkulu. +
10 Ngokomusa omkhulu kaNkulunkulu engaphiwa wona, ngabeka isisekelo + njengomakhi ohlakaniphile oyingcweti,* kodwa omunye umuntu wakhela phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqhubeke ebheka indlela akhela ngayo phezu kwaso. 11 Ngoba akekho ongabeka esinye isisekelo ngaphandle kwaleso esibekiwe, esinguJesu Kristu. + 12 Uma umuntu akhela phezu kwalesi sisekelo igolide, isiliva, amatshe ayigugu, ukhuni, utshani obomisiwe noma izinhlanga, 13 umsebenzi womuntu ngamunye uyovezwa ngokwalokho oyikho,* ngoba usuku luyowuveza, ngoba uyokwambulwa ngomlilo, + umlilo uyobonisa ukuthi umsebenzi womuntu ngamunye uluhlobo luni. 14 Uma umsebenzi womuntu awakhele phezu kwaso usala, uyothola umvuzo; 15 uma umsebenzi womuntu usha, uyolahlekelwa, kodwa yena uyosindiswa; nokho uma kunjalo, kuyoba njengokungathi udabule emlilweni.
16 Anazi yini ukuthi nina niyithempeli likaNkulunkulu, + nokuthi umoya kaNkulunkulu uhlala kini? + 17 Uma umuntu ebhidliza ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyombhubhisa; ngoba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele, futhi nina niyilelo thempeli. +
18 Makungabikho muntu ozikhohlisayo: Uma othile phakathi kwenu ecabanga ukuthi uhlakaniphile kuleli zwe,* makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe. 19 Ngoba ukuhlakanipha kwaleli zwe kuwubuwula kuNkulunkulu, ngoba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphile ebuqilini babo.” + 20 Nokuthi futhi: “UJehova* uyazi ukuthi imicabango yabantu abahlakaniphile iyize.” + 21 Ngakho makungabikho muntu oziqhayisa ngabantu; ngoba zonke izinto zingezenu, 22 kungakhathaliseki ukuthi uPawulu noma u-Apholo noma uKhefase *+ noma yizwe noma ukuphila noma ukufa noma izinto ezikhona manje noma izinto ezizayo, zonke izinto zingezenu; 23 nina ningabakaKristu; + uKristu yena ungokaNkulunkulu.