NgokukaMarku
9 Ngaphezu kwalokho, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini, kukhona abanye kulaba abami lapha abangeke bakunambithe nhlobo ukufa baze babone uMbuso kaNkulunkulu kuqala usubusa kakade.” + 2 Ngemva kwezinsuku eziyisithupha, uJesu wathatha uPetru noJakobe noJohane, wahamba nabo baya entabeni ephakeme bebodwa. Isimo sakhe saguqulwa phambi kwabo; + 3 izingubo zakhe zangaphandle zaqala ukubenyezela, zaba mhlophe ukudlula indlela noma yimuphi umhlanzi wezingubo emhlabeni ayengazenza zibe mhlophe ngayo. 4 Babona no-Eliya noMose bexoxa noJesu. 5 UPetru wabe esethi kuJesu: “Rabi,* kuhle ukuba lapha. Ngenxa yalokho masimise amatende amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.” 6 Eqinisweni, wayengazi ukuthi kufanele enzenjani ngoba babesaba kakhulu. 7 Kwaba khona ifu, labamboza, kwaphuma izwi + kulelo fu lithi: “Le yiNdodana yami ethandekayo. + Yilaleleni.” + 8 Ngokushesha ngemva kwalokho, baqalaza, ababange besabona muntu owayenabo ngaphandle kukaJesu.
9 Njengoba babehla entabeni, wabayala ngokucacile ukuba bangatsheli muntu ngalokho ababekubonile, + kuze kube ngemva kokuba iNdodana yomuntu isivukile kwabafile. + 10 Balifaka ezinhliziyweni leli zwi,* kodwa baxoxa bodwa ngokuthi kusho ukuthini lokhu kuvuka kwabafile. 11 Bambuza bathi: “Kungani ababhali bethi kumele kufike u-Eliya + kuqala?” + 12 Wathi kubo: “U-Eliya vele ufika kuqala abuyisele zonke izinto; + pho kwenzeka kanjani ukuba kulotshwe ngeNdodana yomuntu ukuthi kumele ibhekane nezinhlupheko eziningi + futhi idelelwe? + 13 Kodwa ngithi kini, eqinisweni, u-Eliya + usefikile, futhi benze kuye konke abakuthandayo, njengoba nje kulotshiwe ngaye.” +
14 Lapho befika kulaba abanye abafundi, babona isixuku esikhulu sibazungezile, kukhona nababhali bephikisana nabo. + 15 Kodwa ngokushesha nje lapho sonke isixuku simbona samangala, sagijimela kuye siyombingelela. 16 Wasibuza wathi: “Niphikisana ngani nabo?” 17 Omunye esixukwini wamphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe indodana yami kuwe ngoba inomoya oyenza ingakhulumi. *+ 18 Nomaphi lapho umoya uyibamba khona, uyilahla phansi, ikhihlize amagwebu, iququde amazinyo futhi iphelelwe amandla. Ngicele abafundi bakho ukuba bawuxoshe, kodwa bahlulekile.” 19 Ephendula wathi kubo: “O sizukulwane esingenalukholo, + kumele ngiqhubeke nginani kuze kube nini? Kumele nginibekezelele kuze kube nini? Yilethe kimi.” + 20 Ngakho bamletha kuye umfana, kodwa lapho umoya umbona wamdlikizisa umntwana ngaso leso sikhathi. Ngemva kokuwela phansi wayelokhu ephenduphenduka, ekhihliza amagwebu. 21 UJesu wabuza uyise: “Sekunesikhathi esingakanani lokhu kwenzeka kuye?” Wathi: “Kusukela esewumntwana, 22 futhi uvame ukumphonsa emlilweni nasemanzini ukuze umbulale. Kodwa uma ukwazi ukwenza okuthile, sihawukele usisize.” 23 UJesu wathi kuye: “Kungani uthi, ‘Uma ukwazi’? Phela, zonke izinto zingenzeka kumuntu onokholo.” + 24 Ngokushesha uyise womntwana wamemeza wathi: “Nginalo ukholo! Ngisize lapho ngidinga khona ukholo!” +
25 Lapho uJesu ebona ukuthi isixuku sasigijimela kubo, wawukhuza lo moya omubi, wathi kuwo: “Wena moya ongakhulumi noyisithulu, ngiyakuyala, phuma kuye, ungaphinde ungene kuye!” + 26 Ngemva kokumemeza nokudlikizisa ingane kaningi, lo moya waphuma, kwaba sengathi ingane isifile, kangangokuthi abantu abaningi babethi: “Ifile!” 27 Kodwa uJesu wayibamba ngesandla wayiphakamisa, yasukuma. 28 Ngemva kokuba esengene endlini, abafundi bakhe bambuza ngasese bathi: “Kungani thina singakwazanga ukuwuxosha?” + 29 Wathi kubo: “Lolu hlobo lungaphuma ngomthandazo kuphela.”
30 Basuka lapho badabula iGalile, kodwa wayengafuni muntu azi ngakho. 31 Ngoba wayefundisa abafundi bakhe ebatshela ethi: “INdodana yomuntu izonikelwa ezandleni zabantu futhi bazoyibulala, kodwa noma ingabulawa, + izovuka ngemva kwezinsuku ezintathu.” + 32 Nokho, babengakuqondi ayekusho besaba nokumbuza.
33 Bafika eKapernawume. Lapho esengaphakathi endlini, wababuza lo mbuzo: “Beniphikisana ngani endleleni?” + 34 Bathula, ngoba endleleni babekade bephikisana ngokuthi ubani omkhulu kunabanye. 35 Ngakho wahlala phansi wabiza abayiShumi Nambili,* wathi kubo: “Uma noma ubani efuna ukuba owokuqala, kumele abe owokugcina kunabo bonke futhi abe isikhonzi sabo bonke.” + 36 Wabe esethatha umntwana omncane, wammisa phakathi kwabo; wabeka izandla emahlombe akhe, wathi kubo: 37 “Noma ubani owamukela oyedwa kubantwana abanje + egameni lami, uyangamukela nami; futhi noma ubani ongamukelayo, akamukeli mina kuphela, kodwa naLowo ongithumile.” +
38 UJohane wathi kuye: “Mfundisi, sibone othile exosha amademoni esebenzisa igama lakho, sazama ukumvimba ngoba ubengeyena omunye wethu.” + 39 Kodwa uJesu wathi: “Ningazami ukumvimba, ngoba akekho umuntu ongathi eqeda nje ukwenza umsebenzi wamandla ngegama lami bese esho into embi ngami. 40 Ngoba noma ubani ongamelene nathi ungakithi. + 41 Noma ubani oninika amanzi* okuphuza ngenxa yokuthi ningabakaKristu, + ngiqinisile ngithi kini, ngeke kwenzeke alahlekelwe umvuzo wakhe. + 42 Kodwa noma ubani okhuba oyedwa kulaba abancane abanokholo, kuyoba ngcono ukuba kuboshelwe entanyeni yakhe itshe lokugaya eliphendulwa imbongolo, aphonswe olwandle. +
43 “Uma kwenzeka isandla sakho sikukhubekisa, sinqume. Kungcono ukuba ungene ekuphileni ukhubazekile* kunokuba uye eGehena,* emlilweni ongacimeki, unezandla zombili. + 44 *—— 45 Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume. Kungcono ukuba ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe eGehena *+ unezinyawo zombili. 46 *—— 47 Uma iso lakho likukhubekisa, lilahle. + Kungcono ukuba ungene eMbusweni kaNkulunkulu uneso elilodwa kunokuba uphonswe eGehena* unawo womabili amehlo, + 48 lapho impethu ingafi khona nalapho umlilo ungacimi khona. +
49 “Kuyothunyelwa umlilo kuwo wonke umuntu, njengoba nje usawoti uthelwa ekudleni. + 50 Usawoti muhle, kodwa uma kwenzeka usawoti uphelelwa ubusawoti bawo, niyowuvuselela ngani? + Yibani nosawoti kini ngokwenu, + nibe nokuthula phakathi kwenu.” +