NgokukaMarku
13 Njengoba ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka ukuthi la matshe mahle kanjani nokuthi lezi zakhiwo zinkulu kangakanani!” + 2 Nokho, uJesu wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu? Akusoze kwashiywa lapha itshe phezu kwetshe lingadilizelwa phansi.” +
3 Njengoba ayehlezi eNtabeni Yeminqumo ithempeli libonakala, uPetru, uJakobe, uJohane no-Andreya bambuza lo mbuzo ngasese: 4 “Sitshele, ziyokwenzeka nini lezi zinto, futhi yiluphi uphawu* esiyobona ngalo lapho sekusondela isiphelo sazo zonke lezi zinto?” + 5 Ngakho uJesu wathi kubo: “Xwayani ukuba ningadukiswa muntu. + 6 Baningi abayoza ngegama lami, bethi, ‘Nginguye,’ badukise abaningi. 7 Ngaphezu kwalokho, lapho nizwa ngezimpi nemibiko yezimpi, ningethuki; lezi zinto kumele zenzeke, kodwa ukuphela kuyobe kungakafiki. +
8 “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso; + kuyoba khona ukuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo; kuyoba khona nokusweleka kokudla. + Lokhu kuwukuqala kwemihelo yokucindezeleka. +
9 “Kodwa nina, kumele nivule amehlo. Abantu bayoninikela ezinkantolo zendawo, + niyoshaywa emasinagogeni, + nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, ngale ndlela ninganikeza ubufakazi kubo. + 10 Futhi izindaba ezinhle kumele zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala. + 11 Lapho benithatha ukuze baninikele kubantu abayiziphathimandla, ningakhathazeki kusengaphambili ngalokho enizokusho; kodwa noma yini umoya ongcwele othi yikhulumeni ngalelo hora aniboyikhuluma, ngoba akunina enikhulumayo, kodwa umoya ongcwele. + 12 Ngaphezu kwalokho, umuntu uyonikela ngomfowabo ekufeni, uyise anikele ngomntwana, nabantwana bayovukela abazali, benze ukuba babulawe. + 13 Niyozondwa abantu bonke ngenxa yegama lami. + Kodwa lowo okhuthazele* kwaze kwaba sekupheleni + uyosindiswa. +
14 “Nokho, lapho nibona into enyanyekayo ebangela incithakalo + imi lapho kungafanele ibe khona (ofundayo makasebenzise ukuqonda), labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni. + 15 Umuntu ophezu kwendlu makangehli noma angene ngaphakathi ayokhipha noma yini esendlini yakhe; 16 umuntu osensimini makangabuyeli ezintweni ezisemuva ayothatha ingubo yakhe yangaphandle. 17 Maye kwabesifazane abakhulelwe nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! + 18 Thandazelani ukuba kungenzeki ngesikhathi sasebusika; 19 ngoba lezo zinsuku ziyoba izinsuku zosizi + olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwendalo eyadalwa uNkulunkulu kuze kube manje, nolungeke luphinde lube khona. + 20 Empeleni, ukube uJehova* akazifinyezanga lezo zinsuku, akukho muntu obeyosinda. Kodwa ngenxa yabakhethiwe, abakhethwe nguye, uzifinyezile lezo zinsuku. +
21 “Okunye futhi, uma noma ubani ethi kini, ‘Bhekani! Nangu uKristu,’ noma ethi, ‘Bhekani! Nanguya,’ ningamkholwa. + 22 Ngoba kuyovela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga + benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiwe uma kungenzeka. 23 Nina qaphelani. + Nginitshele zonke izinto kusengaphambili.
24 “Kodwa ngalezo zinsuku, ngemva kwalolo sizi, ilanga liyoba mnyama, nenyanga ngeke ikhanye, + 25 nezinkanyezi ziyowa ezulwini, namandla amazulu ayonyakaziswa. 26 Bayobona iNdodana yomuntu + iza isemafwini inamandla amakhulu nenkazimulo. + 27 Iyobe isithuma izingelosi ziqoqele ndawonye abakhethiwe bakhe bevela kuzo zonke izinhlangothi,* kusukela emkhawulweni womhlaba kuye emkhawulweni wezulu. +
28 “Manje fundani lo mfanekiso esihlahleni somkhiwane: Lapho nje igatsha laso elisha lithamba futhi liveza amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. + 29 Ngokufanayo nani, lapho nibona lezi zinto zenzeka, yazini ukuthi iNdodana yomuntu iseduze, emnyango. + 30 Ngiqinisile ngithi kini, lesi sizukulwane asisoze sadlula* zingakenzeki zonke lezi zinto. + 31 Izulu nomhlaba kuyodlula, + kodwa amazwi ami awasoze adlula. +
32 “Ngokuphathelene nalolo suku noma lelo hora, akekho owaziyo, nazingelosi ezulwini naNdodana, ngaphandle kukaBaba. + 33 Hlalani nibhekile, nihlale niphapheme, + ngoba anazi ukuthi sinini isikhathi esimisiwe. + 34 Kunjengomuntu owashiya indlu yakhe waya kude, wanika izinceku zakhe igunya lokwengamela indlu, + ngayinye wayinika umsebenzi ezowenza, wayala umlindisango ukuba ahlale elindile. + 35 Ngakho hlalani nilindile, ngoba anazi ukuthi inkosi yendlu iyobuya nini, + ukuthi iyobuya ilanga selishonile noma phakathi kwamabili noma ezintathakusa* noma ekuseni kakhulu, + 36 ukuze kuthi lapho ifika kungazelelwe, inganitholi nilele. + 37 Kodwa lokho engikusho kini ngikusho kubo bonke: Hlalani nilindile.” +