Eyokuqala KaJohane
2 Bantwanyana bami, nginibhalela lezi zinto ukuze ningasenzi isono. Nokho, uma umuntu enza isono, sinomsizi* kuBaba, uJesu Kristu, + olungile. + 2 Ungumhlatshelo oyisihlawulelo *+ wezono zethu, + nokho kungezona ezethu kuphela kodwa nezalo lonke izwe. + 3 Sazi ngalokhu ukuthi sesiyamazi, okungukuthi, uma siqhubeka sigcina imiyalo yakhe. 4 Lowo othi, “Sengiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kulowo muntu. 5 Kodwa umuntu oligcinayo izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu lwenziwe lwaphelela ngempela kulowo muntu. + Sazi ngalokhu ukuthi simunye naye. + 6 Lowo othi uhlala emunye naye ungaphansi kwesibopho sokuqhubeka ehamba njengoba nje lowo ahamba. +
7 Bathandekayo, anginibhaleli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala ebenilokhu ninawo kusukela ekuqaleni. + Lo myalo omdala uyizwi enalizwa. 8 Ngakolunye uhlangothi, nginibhalela umyalo omusha, oyiqiniso ngokuqondene naye nangokuqondene nani, ngoba ubumnyama buyadlula futhi ukukhanya kweqiniso sekuyakhanya. +
9 Lowo othi usekukhanyeni kodwa ebe ezonda + umfowabo usesebumnyameni. + 10 Lowo othanda umfowabo uhlala esekukhanyeni, + futhi ayikho into emkhubayo. 11 Kodwa lowo ozonda umfowabo usebumnyameni futhi uhamba ebumnyameni, + akazi nokuthi uyaphi, ngoba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe. +
12 Ngibhalela nina, bantwanyana, ngoba nithethelelwe izono zenu ngenxa yegama lakhe. + 13 Ngibhalela nina, bobaba, ngoba seniyamazi lowo obekhona kusukela ekuqaleni. Ngibhalela nina, zinsizwa, ngoba nimnqobile omubi. + Ngibhalela nina, bantwana, ngoba seniyamazi uBaba. + 14 Ngibhalela nina, bobaba, ngoba seniyamazi lowo obekhona kusukela ekuqaleni. Ngibhalela nina, zinsizwa, ngoba ninamandla + nezwi likaNkulunkulu lihlala kini + futhi nimnqobile omubi. +
15 Ningalithandi izwe noma izinto ezisezweni. + Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye; + 16 ngoba konke okusezweni—isifiso senyama + nesifiso samehlo + nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho*—akuveli kuBaba, kodwa kuvela ezweni. 17 Ngaphezu kwalokho, izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, + kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade. +
18 Bantwana, yihora lokugcina, futhi njengoba nje nizwile ukuthi umphik’ ukristu uyeza, + ngisho namanje sekunabaphik’ ukristu abaningi; + okuyiqiniso esazi ngalo ukuthi yihora lokugcina. 19 Baphuma kithi, kodwa babengebona abohlobo lwethu; *+ ukube babengabohlobo lwethu, babeyohlala nathi. Kodwa baphuma ukuze kuboniswe ukuthi akubona bonke abangabohlobo lwethu. + 20 Nina nigcotshwe ngongcwele, + nonke ninolwazi. 21 Anginibhaleli ngoba ningalazi iqiniso, + kodwa ngoba nilazi, nangenxa yokuthi akukho manga avela eqinisweni. +
22 Ngubani ongumqambimanga uma kungeyena lowo ophika ukuthi uJesu unguKristu? + Lowo nguye umphik’ ukristu, + lowo ophika uBaba neNdodana. 23 Wonke umuntu ophika iNdodana akanabo ubunye noBaba. + Kodwa noma ubani ovuma iNdodana + unobunye noBaba futhi. + 24 Kepha nina, lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni kumele kuhlale kini. + Uma lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala nimunye neNdodana futhi nimunye noBaba. 25 Ngaphezu kwalokho, nansi into asithembisa yona—ukuphila okuphakade. +
26 Nginibhalela lezi zinto ngokuphathelene nalabo abazama ukunidukisa. 27 Kepha nina, ukugcotshwa enakwamukela kuye + kuhlala kini, futhi anidingi muntu ukuba anifundise; kodwa ukugcotshwa okuvela kuye kunifundisa zonke izinto, + futhi kuyiqiniso akuwona amanga. Njengoba nje kunifundisile, hlalani nimunye naye. + 28 Ngakho-ke, bantwanyana, hlalani nimunye naye, ukuze lapho ebonakaliswa sibe nenkululeko yokukhuluma + futhi singamshalazeli sinamahloni ekubeni khona kwakhe. 29 Uma nazi ukuthi ulungile, niyazi nokuthi wonke umuntu owenza ukulunga uzelwe nguye. +