Incwadi KaJude
1 UJude, inceku kaJesu Kristu, kodwa umfowabo kaJakobe, + kwababiziwe + abathandwa nguNkulunkulu uBaba nabalondolozelwe uJesu Kristu: +
2 Kwangathi ningandiselwa isihe nokuthula nothando.
3 Bathandekayo, nakuba bengenza wonke umzamo wokunibhalela ngensindiso esiyihlanganyelayo, + ngikuthole kudingekile ukuba nginibhalele ukuze ngininxuse ukuba nilulwele kanzima ukholo + olwanikelwa kwabangcwele kwaba kanye kuphela. 4 Isizathu sami siwukuthi abantu abathile sebengene ngokunyenya phakathi kwenu, labo imiBhalo eyabamisela kudala lesi sahlulelo; bangabantu abangamhloniphi uNkulunkulu abaphendula umusa omkhulu kaNkulunkulu wethu bawenze izaba zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo *+ futhi abazibonakalisa bengathembekile kowukuphela komnikazi wethu neNkosi, uJesu Kristu. +
5 Nakuba nikwazi kahle konke lokhu, ngifisa ukunikhumbuza ukuthi nakuba uJehova* asindisa isizwe wasikhipha ezweni laseGibhithe, + kamuva wababhubhisa labo ababengenalo ukholo. + 6 Nezingelosi ezingasigcinanga isikhundla sazo sokuqala kodwa zashiya indawo yazo yokuhlala efanele, + uzibophe ngezibopho ezingunaphakade ebumnyameni obukhulu, uzigcinele ukwahlulelwa kosuku olukhulu. + 7 Ngendlela efanayo, iSodoma neGomora namadolobha ayeseduze, azinikela ekuziphatheni okubi ngokocansi* ngokwedlulele futhi alandela izifiso zenyama ezingezona ezingokwemvelo; + abekwe phambi kwethu njengesibonelo esiyisixwayiso ngokuthola isijeziso sokwahlulelwa somlilo waphakade. +
8 Noma kunjalo, nalaba bantu bazitika ngamaphupho, bangcolisa inyama, badelela igunya futhi bakhuluma ngokuhlambalaza ngabakhazimulayo. + 9 Kodwa lapho uMikayeli + ingelosi eyinhloko + eba nokungezwani noDeveli futhi bephikisana ngesidumbu sikaMose, + akazange alokothe amahlulele ngamazwi ahlambalazayo, + kodwa wathi: “Kwangathi uJehova* angakukhuza.” + 10 Nokho laba bantu bakhuluma ngokuhlambalaza ngazo zonke izinto abangaziqondi ngempela. + Kuzo zonke izinto abaziqondayo ngokwemvelo njengezilwane ezingenangqondo, + bayaqhubeka bezonakalisa.
11 Kubi kakhulu ngabo, ngoba bahambe endleleni kaKhayini + futhi bagijimela endleleni yokuphambuka kaBhalami + ukuze bathole umvuzo, futhi baye bashabalala enkulumweni kaKhora + yokuhlubuka! + 12 Laba bangamadwala afihleke ngaphansi kwamanzi emadilini enu *+ kuyilapho bedla nani, bangabelusi abazondla bona ngaphandle kokwesaba; + bangamafu angenamanzi apheshulwa umoya ayiswe ngapha nangapha; + bayizihlahla ezingatheli ekupheleni kwekwindla, ezibune ngokuphelele,* ezisishuliwe; 13 bangamagagasi olwandle anamandla akhipha izinto ezingcolile okufanele zibenze babe namahloni; + bayizinkanyezi ezingenawo umzila, ezigcinelwe ubumnyama obukhulu kuze kube phakade. +
14 Yebo, owesikhombisa ohlwini kusukela ku-Adamu, u-Enoke, + naye waprofetha ngabo lapho ethi: “Bheka! UJehova* wafika namashumi akhe ezinkulungwane ezingcwele + 15 ezokwahlulela bonke, + futhi ezogweba bonke abangamhloniphi uNkulunkulu ngenxa yazo zonke izenzo zabo zokungamhloniphi abazenza ngendlela yokungamhloniphi, nangenxa yezinto ezishaqisayo izoni ezingamhloniphi uNkulunkulu ezazikhuluma ngaye.” +
16 Laba bangabantu ababubulayo, + abakhononda ngokuphila kwabo, belandela izifiso zabo, + futhi imilomo yabo ikhuluma ngokuqhosha okwedlulele, kuyilapho bencoma* abantu ukuze kuzuze bona. +
17 Kepha nina, bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywa ngaphambili* abaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu, 18 ukuthi babevame kanjani ukuthi kini: “Esikhathini sokugcina kuyoba khona abahleki bosulu, abalandela izifiso zabo zezinto zokungamhloniphi uNkulunkulu.” + 19 Laba yibo ababangela uqhekeko, + abantu abanjengezilwane,* abangaqondiswa umoya kaNkulunkulu.* 20 Kodwa nina, bathandekayo, zakheni okholweni lwenu olungcwele kakhulu, nithandaze ngomoya ongcwele, + 21 ukuze nizigcine nisothandweni lukaNkulunkulu, + nibe nilindele isihe seNkosi yethu uJesu Kristu esiholela ekuphileni okuphakade. + 22 Qhubekani nibonisa nesihe + kulabo abangabazayo; + 23 basindiseni + ngokubahlwitha emlilweni. Kodwa qhubekani nibonisa isihe kwabanye, nenza kanjalo ngokwesaba, kuyilapho nizonda ngisho nengubo enindwe inyama. +
24 Kulowo okwaziyo ukuniqapha ukuba ningakhubeki nokunimisa ningenasici + phambi kwenkazimulo yakhe* ngenjabulo enkulu, 25 kowukuphela kukaNkulunkulu uMsindisi wethu ngoJesu Kristu iNkosi yethu, makube inkazimulo, ubukhulu obubabazekayo, amandla negunya kulo lonke iphakade elidlule, namanje, nakulo lonke iphakade. Amen.