NgokukaMathewu
28 Ngemva kweSabatha, ekuseni ngovivi ngosuku lokuqala lwesonto, uMariya Magdalena nomunye uMariya bafika bezobona ithuna. +
2 Kwakube nokuzamazama okukhulu komhlaba, ngoba ingelosi kaJehova* yayehle ezulwini yafike yagingqa itshe, futhi yayihlezi phezu kwalo. + 3 Ukubukeka kwayo kwakunjengombani, nezingubo zayo zimhlophe njengeqhwa. + 4 Ngenxa yokuyesaba, abalindi bathuthumela baba njengabantu abafile.
5 Kodwa ingelosi yathi kwabesifazane: “Ningesabi, ngoba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obulawelwe esigxotsheni. + 6 Akekho lapha, ngoba uvusiwe, njengoba asho. + Wozani nibone indawo abelele kuyo. 7 Hambani masinyane nitshele abafundi bakhe ukuthi uvusiwe kwabafile, usendleleni eya eGalile. + Nizombona khona. Bhekani! Nginitshelile.” +
8 Ngakho, basuka ngokushesha ethuneni, besaba futhi bejabule kakhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe. + 9 UJesu wahlangana nabo wathi: “Sanibona!” Basondela babamba izinyawo zakhe bamkhothamela. 10 Khona-ke uJesu wathi kubo: “Ningesabi! Hambani niyobikela abafowethu ukuze bahambe baye eGalile, bazongibona khona.”
11 Besesendleleni abesifazane, abanye kubaqaphi + bangena edolobheni babikela abapristi abakhulu konke okwakwenzekile. 12 Ngemva kokuba sebehlangene namadoda amadala futhi sebecebisene, banika amasosha izinhlamvu zesiliva eziningi, 13 bathi: “Anothi, ‘Abafundi bakhe bafike ebusuku bameba sisalele.’ + 14 Uma lokhu kufika ezindlebeni zombusi, thina sizomchazela,* akudingeki nikhathazeke.” 15 Ngakho azithatha izinhlamvu zesiliva enza njengoba eyaliwe, le ndaba iye yasakazwa kabanzi phakathi kwamaJuda kuze kube yilolu suku.
16 Nokho, abafundi abangu-11 baya eGalile + entabeni lapho uJesu ayehlele ukuba bahlangane khona. + 17 Lapho bembona bakhothama, kodwa abanye bangabaza. 18 UJesu wasondela wakhuluma nabo, wathi: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni. + 19 Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe + babe abafundi, nibabhapathize + egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, 20 nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho. + Bhekani! Nginani zonke izinsuku kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” *+