Eyokuqala KwabaseThesalonika
5 Manje ngokuqondene nezikhathi nezinkathi, bazalwane, anidingi kubhalelwa lutho ngakho. 2 Ngoba nina ngokwenu nazi kahle ukuthi usuku lukaJehova *+ luza ngokufana ncamashi nesela ebusuku. + 3 Noma nini lapho bethi, “Ukuthula nokulondeka!” khona-ke imbubhiso engazelelwe iyobafikela ngaso leso sikhathi, + njengemihelo efikela owesifazane okhulelwe futhi abasoze baphunyuka nangayiphi indlela. 4 Kodwa nina, bazalwane, anikho ebumnyameni, ukuba lolo suku lunifice ngendlela ukukhanya kosuku obekungafica ngayo amasela, 5 ngoba nonke ningamadodana okukhanya namadodana emini. + Asibona abantu bobusuku noma bobumnyama. +
6 Ngakho-ke, masingalali njengoba kwenza bonke abanye, + kodwa masihlale siphapheme + futhi sihlale sisangulukile. + 7 Ngoba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku. + 8 Kodwa thina esingabemini, masihlale sisangulukile futhi sigqoke isivikelo sesifuba sokholo nothando, sifake nethemba lensindiso njengesigqoko sokuzivikela + 9 ngoba uNkulunkulu akasabelanga ulaka, kodwa wasabela ukuba sizuze insindiso + ngeNkosi yethu uJesu Kristu. 10 Yasifela, + ukuze noma ngabe sihleli siphapheme noma silele,* siphile kanye nayo. + 11 Ngakho-ke, qhubekani nikhuthazana* futhi nakhana, + njengoba nje eqinisweni nenza.
12 Manje siyanicela, bazalwane, ukuba nibahloniphe labo abasebenza kanzima phakathi kwenu nabanengamele eNkosini futhi abaniyalayo; 13 nokuba ngothando nibacabangele kakhulu ngenxa yomsebenzi wabo. + Yibani nokuthula omunye nomunye. + 14 Ngakolunye uhlangothi, siyaninxusa, bazalwane, ukuba nibaxwayise* abangahlelekile, + nibaduduze abacindezelekile,* nisekele ababuthakathaka ngokomoya, nibabekezelele bonke. + 15 Qaphelani ukuba kungabikho muntu ophindisela ukulinyazwa ngokulimaza kunoma ubani, + kodwa ngaso sonke isikhathi nenzelane okuhle nabo bonke abanye. +
16 Jabulani ngaso sonke isikhathi. + 17 Thandazani njalo. + 18 Bongani ngakho konke. + Lokhu kuyintando kaNkulunkulu ngani kuKristu Jesu. 19 Ningawucimi umlilo womoya. + 20 Ningazideleli iziprofetho. + 21 Qinisekani ngazo zonke izinto; + bambelelani niqinise kokuhle. 22 Dedani kuzo zonke izinhlobo zobubi. +
23 Kwangathi uNkulunkulu wokuthula anganingcwelisa ngokuphelele. Futhi kwangathi umoya nomphefumulo* nomzimba wenu bazalwane, okuphilile kuzo zonke izici, kungagcinwa kungasoleki ekubeni khona kweNkosi yethu uJesu Kristu. + 24 Lowo onibizayo uthembekile, futhi nakanjani uyokwenza kanjalo.
25 Bazalwane, qhubekani nisithandazela. +
26 Khonzani kubo bonke abazalwane ngokubaqabula.
27 Nginibeka ngaphansi kwesibopho ngeNkosi ukuba le ncwadi ifundelwe bonke abazalwane. +
28 Umusa omkhulu weNkosi yethu uJesu Kristu ube nani.