1 Korinte
11 Yibani abalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu.+
2 Ngiyanitusa ngoba ezintweni zonke niyangikhumbula futhi nibambelele ngokuqinile ezimfundisweni+ njengoba nje ngazidlulisela kini. 3 Kodwa ngifuna ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu;+ nenhloko yowesifazane yindoda;+ nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.+ 4 Yileyo naleyo ndoda ethandaza noma iprofethe inokuthile enhloko ihlazisa inhloko yayo;+ 5 kodwa yilowo nalowo wesifazane othandaza noma aprofethe+ inhloko yakhe ingamboziwe uhlazisa inhloko+ yakhe, ngoba kuyafana nokuthi ungowesifazane ophuce inhloko.+ 6 Ngoba uma owesifazane engazimbozi, makagunde; kodwa uma kuyichilo ngowesifazane ukuba agunde noma aphuce,+ makamboze.+
7 Ngoba indoda akufanele imboze inhloko, njengoba ingumfanekiso+ nenkazimulo kaNkulunkulu;+ kodwa owesifazane uyinkazimulo yendoda.+ 8 Ngoba indoda ayiveli kowesifazane, kodwa owesifazane uvela endodeni;+ 9 futhi, ngaphezu kwalokho, indoda ayidalwanga ngenxa yowesifazane, kodwa owesifazane wadalwa ngenxa yendoda.+ 10 Kungakho owesifazane kufanele abe nophawu lwegunya ekhanda+ lakhe ngenxa yezingelosi.+
11 Ngaphandle kwalokho, eNkosini, owesifazane akekho ngaphandle kwendoda nendoda ayikho ngaphandle kowesifazane.+ 12 Ngoba njengoba nje owesifazane evela endodeni,+ kanjalo nendoda ikhona ngowesifazane;+ kodwa zonke izinto zivela kuNkulunkulu.+ 13 Zahluleleleni nina ngokwenu: Ingabe kufanele ngowesifazane ukuba athandaze kuNkulunkulu engambozile? 14 Ingabe imvelo ngokwayo ayinifundisi ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kuyihlazo kuyo; 15 kodwa uma owesifazane enezinwele ezinde, kuyinkazimulo+ kuye? Ngenxa yokuthi unikwe izinwele zakhe esikhundleni sesembozo.+ 16 Nokho, uma noma ubani ebonakala sengathi uyaphikisa+ ngenxa yenye inkambiso,+ asinayo enye, namabandla kaNkulunkulu awanayo.
17 Kodwa, nakuba nginikeza lezi ziyalo, anginitusi ngoba nihlangana+ ndawonye ngenjongo yokubi, hhayi ngenjongo yokuhle. 18 Ngoba okokuqala, lapho nibuthana ebandleni, ngizwa kuthiwa kuba nokuhlukana phakathi kwenu;+ futhi ngesilinganiso esithile ngiyakukholwa lokho. 19 Ngoba kumelwe abe khona futhi amahlelo+ phakathi kwenu, ukuze babonakale abantu abamukelekayo phakathi kwenu.+
20 Ngakho-ke, lapho nibuthana ndawonye, akunakwenzeka ukuba kudliwe isidlo seNkosi sakusihlwa.+ 21 Ngoba, uma nisidla, yilowo nalowo uzidlela esakhe siqu isidlo sakusihlwa kusengaphambili, kangangokuthi omunye ulambile kodwa omunye udakiwe. 22 Ngokuqinisekile, ninazo izindlu zokudlela nokuphuza, akunjalo?+ Noma ingabe niyalidelela ibandla likaNkulunkulu futhi nenze labo abangenalutho+ bahlazeke? Ngizothini kini? Ingabe kufanele nginituse? Kulokhu anginitusi.
23 Ngoba ngakwamukela eNkosini lokho engakudlulisela nakini, ukuthi iNkosi uJesu ngobusuku+ eyayizonikelwa ngabo yathatha isinkwa, 24 futhi ngemva kokubonga, yasihlephula+ yathi: “Lokhu kusho umzimba+ wami ngenxa yenu. Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”+ 25 Yenza okufanayo nangokuqondene nendebe,+ ngemva kokudla isidlo sakusihlwa, yathi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha+ esenziwa ngegazi+ lami. Qhubekani nikwenza lokhu, njalo uma niyiphuza, njengesikhumbuzo+ sami.” 26 Ngoba njalo+ uma nidla lesi sinkwa futhi niphuza le ndebe, nimemezela ukufa+ kweNkosi, ize ifike.+
27 Ngenxa yalokho noma ubani odla isinkwa noma aphuze indebe yeNkosi ngokungafanele uyoba necala+ ngokuqondene nomzimba negazi+ leNkosi. 28 Okokuqala, umuntu makazivumele yena ngemva kokuhlolisisa,+ kanjalo makasidle isinkwa futhi ayiphuze indebe. 29 Ngoba lowo odlayo futhi aphuze udla futhi aphuze isahlulelo+ ngokumelene naye uma engawuqondi umzimba. 30 Kungakho abaningi phakathi kwenu bebuthakathaka futhi bexhwalile, futhi abaningana befile.+ 31 Kodwa uma besingakuqonda lokho thina ngokwethu esiyikho, besingeke sahlulelwe.+ 32 Nokho, lapho sahlulelwa,+ siyalwa uJehova,+ ukuze singalahlwa+ kanye nezwe.+ 33 Ngenxa yalokho, bazalwane, lapho nibuthana ndawonye ukuba nisidle,+ lindanani. 34 Uma umuntu elambile, makadle ekhaya,+ ukuze ningabuthaneli ukwahlulelwa.+ Kodwa izindaba ezisele ngizozihlela uma ngifika lapho.