Eyesibili KwabaseKorinte
4 Ngakho-ke, njengoba sinale nkonzo ngesihe esaboniswa sona, asiyeki. 2 Kodwa sizilahlile izinto eziyihlazo nezomshoshaphansi, asihambi ngobuqili futhi asilonakalisi izwi likaNkulunkulu; + kodwa ngokwenza iqiniso libe sobala, siye saba isibonelo esihle kubo bonke onembeza babantu phambi kukaNkulunkulu. + 3 Uma empeleni izindaba ezinhle esizimemezelayo zigutshuzelwe, zigutshuzelwe phakathi kwalabo ababhubhayo, 4 phakathi kwalabo unkulunkulu waleli zwe *+ aye waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa, + ukuze kungakhanyi ukukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo mayelana noKristu, + ongumfanekiso kaNkulunkulu. + 5 Ngoba asishumayeli ngathi ngokwethu, kodwa ngoJesu Kristu ukuthi uyiNkosi, nangathi ukuthi siyizigqila zenu ngenxa kaJesu. 6 Ngoba uNkulunkulu nguye owathi: “Ukukhanya makukhanye ebumnyameni,” + futhi ukhanyise izinhliziyo zethu ukuze azenze zikhanye + ngolwazi olukhazimulayo lukaNkulunkulu ngobuso bukaKristu.
7 Nokho, sinale ngcebo + ezitsheni zobumba, *+ ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu, angaveli kithi. + 8 Sicindezelwe kakhulu ngazo zonke izindlela, kodwa asivalelekile ekhoneni kangangokuthi asisakwazi nokunyakaza; sididekile, kodwa asibona abangenayo nhlobo indlela yokuphuma; *+ 9 siyashushiswa, kodwa asilahliwe; + siphonswa phansi, kodwa asishabalali. *+ 10 Ngaso sonke isikhathi emzimbeni wethu sikhuthazelela impatho ebulalayo eyatholwa uJesu, + ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe futhi emzimbeni wethu. 11 Ngoba ngaso sonke isikhathi ukuphila kwethu thina esiphilayo kubekwa engcupheni + ngenxa kaJesu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe futhi enyameni yethu efayo. 12 Ngakho kithi kusebenza ukufa, kodwa kini ukuphila.
13 Ngenxa yokuthi sinomoya wokholo ofana nalowo okulotshwe ngawo ukuthi: “Ngabonisa ukholo, ngakho ngakhuluma”; + nathi sibonisa ukholo, ngakho siyakhuluma, 14 sazi ukuthi Lowo owavusa uJesu uyosivusa nathi kanye noJesu asethule kanye nani. + 15 Ngoba zonke lezi zinto zingenxa yenu, ukuze umusa omkhulu wande nakakhulu ngenxa yokuthi abaningi ngokwengeziwe bayabonga kube inkazimulo kuNkulunkulu. +
16 Ngakho asiyeki, kodwa ngisho noma umuntu esinguye ngaphandle ewohloka, ngokuqinisekile umuntu esinguye ngaphakathi wenziwa musha usuku nosuku. 17 Ngoba nakuba usizi* lungolomzuzwana futhi lulula, lusivezela inkazimulo enkulu* ngokwedlulele nehlala phakade; + 18 kuyilapho sigcina amehlo ethu esezintweni ezingabonwa, hhayi ezintweni ezibonwayo. + Ngoba izinto ezibonwayo zingezesikhashana, kodwa izinto ezingabonwa zihlala phakade.