UJoweli
Yishoni isiqubulo sempi entabeni yami engcwele.
Bonke abahlala ezweni mabathuthumele
Ngoba usuku lukaJehova luyeza! + Luseduze!
2 Luwusuku lobumnyama obukhulu, +
Usuku lwamafu nosuku olumnyama bhuqe, +
Njengokukhanya kokuntwela kokusa okusakazekela ezintabeni.
Kukhona isizwe esinabantu abaningi nesinamandla; +
Asikaze sibe khona esifana naso
Futhi ngeke siphinde sibe khona esinye
Eminyakeni yazo zonke izizukulwane.
3 Ngaphambi kwaso kunomlilo oshwabadela konke okuphambi kwaso,
Ngemva kwaso kunelangabi eliqothula konke okungemva kwaso. +
Izwe eliphambi kwaso linjengensimu yase-Edene, +
Kodwa ngemva kwaso kunehlane eliyincithakalo,
Akukho lutho olungaphunyuka.
5 Umsindo waso unjengomsindo wezinqola njengoba sigxumagxuma eziqongweni zezintaba, +
Njengokugqamuka komlilo oshwabadela izinhlanga.
Sinjengesizwe esinamandla, esihlelelwe ukuya empini. +
6 Ngenxa yaso, izizwe ziyoba nosizi.
Bonke ubuso buyobonisa ukwesaba.
7 Bahlasela njengamaqhawe,
Bakhuphuka odongeni njengamasosha,
Ngamunye uhamba endleleni yakhe,
Abachezuki ezindleleni zabo.
8 Abaphushani;
Umuntu ngamunye uhamba endleleni yakhe.
Uma abanye bewa ngenxa yezikhali,
Abanye abaphambuki endleleni.
9 Bagijimela edolobheni, bagijima phezu kodonga.
Bakhuphukela ezindlini, bangena ngamafasitela njengesela.
10 Izwe liyathuthumela phambi kwaso, amazulu ayazamazama.
Ilanga nenyanga kube mnyama, +
Izinkanyezi azisakhanyi.
11 UJehova uyophakamisa izwi lakhe phambi kwebutho lakhe, + ngoba ibutho lakhe likhulu kakhulu. +
Ngoba lowo ofeza izwi laKhe unamandla;
Ngoba usuku lukaJehova lukhulu futhi luyesabeka kakhulu. +
Ubani ongalukhuthazelela?” +
12 “Ngisho kwamanje,” kusho uJehova, “buyelani kimi ngazo zonke izinhliziyo zenu, +
Ngokuzila ukudla, + ngokukhala nangokulila.
13 Ningaklebhuli izingubo zenu nje kuphela, + kodwa izinhliziyo zenu + ezichobozekile mazibonise ukuzisola,
Nibuyele kuJehova uNkulunkulu wenu,
Ngoba unozwela* nesihe, wephuza ukuthukuthela + futhi uchichima uthando oluqotho, +
Uyocabanga kabusha* ngenhlekelele.
14 Ubani owaziyo ukuthi ngeke yini ashintshe futhi acabange kabusha *+
Aninike isibusiso,
Ukuze ninikele umnikelo wokudla okusanhlamvu nomnikelo ophuzwayo kaJehova uNkulunkulu wenu?
15 Shayani uphondo eZiyoni!
Memezelani* isikhathi sokuzila ukudla; bizani umhlangano okhethekile. +
16 Qoqani abantu; ngcwelisani ibandla. +
Qoqani amaxhegu;* qoqani izingane nezinsana ezisancela. +
Umkhwenyana makaphume egunjini lakhe elingaphakathi, nomakoti egunjini lakhe labasanda kushada.
‘Hawukela abantu bakho Jehova;
Ungenzi ifa lakho libe inhlekisa
Ngokuvumela izizwe ukuba zibuse phezu kwabo.
Kungani kufanele izizwe zithi: “Uphi uNkulunkulu wabo?” ’ +
19 UJehova uyophendula abantu bakhe athi:
‘Ngithumela kini ukudla okusanhlamvu newayini elisha namafutha,
Niyokwaneliseka ningasweli lutho; +
Ngeke ngisanenza nibe isihlamba phakathi kwezizwe. +
20 Owasenyakatho ngiyomxosha aye kude nani;
Ngiyomhlakazela ezweni elomile neliwugwadule,
Ibutho lakhe elihola phambili* ngiyoliyisa ngasolwandle olusempumalanga*
Ibutho lakhe elisemuva ngiliyise ngasolwandle olusentshonalanga.*
Kuyovela iphunga elibi kuye,
Iphunga lakhe elibi liyoqhubeka linyuka; +
Ngoba uNkulunkulu uyokwenza izinto ezinkulu.’
21 Ungesabi mhlaba.
Jabula uthokoze ngoba uJehova uyokwenza izinto ezinkulu.
22 Ningesabi nina zilwane zasendle
Ngoba amadlelo asehlane ayoba luhlaza, +
Izihlahla ziyothela izithelo; +
Isihlahla somkhiwane nesamagilebhisi ziyothela kakhulu. +
23 Nina madodana aseZiyoni, jabulani nithokoze ngoJehova uNkulunkulu wenu; +
Ngoba uyoninika imvula yasekwindla ngesilinganiso esifanele,
Uyonisa imvula phezu kwenu,
Imvula yasekwindla nemvula yasentwasahlobo njengasekuqaleni. +
24 Izibuya ziyogcwala ukudla okusanhlamvu okuhlungiwe,
Izikhamo ziyochichima iwayini elisha namafutha. +
25 Ngeminyaka engathumela ngayo ibutho lami elikhulu kini
Okuyiqhwagi elikhulu, intethe engenamaphiko, isikhonyane nentethe eqothulayo, okwadla isivuno senu,
Ngiyonenzela isinxephezelo ngenxa yalokho elakuqothula. +
26 Nakanjani niyodla nize nisuthe, +
Niyolidumisa igama likaJehova uNkulunkulu wenu, +
Onenzele izimangaliso;
Abantu bami ngeke baphinde bahlanjalazwe. +
27 Niyokwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli +
Nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu +—akekho omunye!
Abantu bami ngeke baphinde babe namahloni.
28 Ngemva kwalokho ngiyothululela umoya wami + phezu kwayo yonke inyama,
Amadodana enu namadodakazi enu ayoprofetha,
Amaxhegu enu aphuphe amaphupho,
Izinsizwa zenu zibone imibono. +
29 Ngalezo zinsuku ngiyothululela umoya wami
Ngisho nasezigqileni zami zesilisa nezesifazane.