U-Isaya
53 Ubani obe nokholo entweni ayizwe ngathi? *+
Ingalo kaJehova + yambulelwe bani? +
2 Inceku iyovela njengehlumela + phambi kwakhe,* nanjengempande ezweni elingenamanzi.
Kwakunjengokungathi ubuso bakhe babufihliwe kithi.*
Wadelelwa, futhi sambheka njengongento yalutho. +
Kodwa sambheka njengoshaywe ngenhlupho, oshaywe uNkulunkulu nohlushwayo.
6 Sonke siye sanhlanhlatha njengezimvu, +
Ngamunye wahamba endleleni yakhe,
UJehova ubangele ukuba athwale sonke isono sethu. +
Walethwa njengemvu izohlatshwa, +
Njengemvu ethule phambi kwabagundi bayo,
Wayengathi vu ngomlomo wakhe. +
8 Ngenxa yokucindezelwa* nokwahlulelwa, ukuphila kwakhe kwasuswa;*
Ubani oyozikhathaza ngemininingwane yesizukulwane sakhe?*
9 Ingcwaba lakhe lalabelwe ukuba libe* kanye nababi, +
Wangcwatshwa kanye nezicebi, +
Nakuba ayengenzanga lutho olubi*
Kungekho nkohliso emlonyeni wakhe. +
10 Kodwa kwakuyintando kaJehova ukuba* ahlukunyezwe, wamyeka wagula.
Uma uyonikela ukuphila kwakhe njengomnikelo wecala, +
11 Ngenxa yosizi analo, uyobona aneliseke.