NgokukaLuka
13 Ngaleso sikhathi, abanye ababekhona bayibikela ngabaseGalile uPilatu ayexube igazi labo nemihlatshelo yabo. 2 Yaphendula yathi kubo: “Ingabe nicabanga ukuthi labo bantu baseGalile babeyizoni ezimbi kakhulu kunabo bonke abanye baseGalile ngoba beye bahlupheka ngalezi zinto? 3 Ngiyanitshela, akunjalo neze; kodwa ngaphandle kokuba niphenduke, nani nonke niyobhujiswa kanjalo. + 4 Noma labo abangu-18 umbhoshongo waseSilowama owawela phezu kwabo wababulala—ingabe nicabanga ukuthi babenecala elikhulu kunabo bonke abanye abantu abahlala eJerusalema? 5 Ngiyanitshela, akunjalo neze; kodwa ngaphandle kokuba niphenduke, nani nonke niyobhujiswa njengabo.”
6 Yabe isilandisa lo mfanekiso: “Umuntu othile wayetshale isihlahla somkhiwane ensimini yakhe, wafika ezofuna izithelo kuso, kodwa akatholanga nesisodwa. + 7 Wathi kumgcini-sivini, ‘Sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna izithelo kulesi sihlahla somkhiwane, kodwa angitholanga nesisodwa. Sigawule! Kungani kufanele sikhule sibe singavezi zithelo?’ 8 Ephendula wathi kuye, ‘Nkosi, siyeke sikhule omunye unyaka ngize ngimbe emaceleni aso ngifake umquba. 9 Uma sithela izithelo esikhathini esizayo, kuhle; kodwa uma singatheli, uyobe ususigawula.’ ” +
10 Yayifundisa kwelinye lamasinagoge ngeSabatha. 11 Kwakukhona owesifazane okwase kuyiminyaka engu-18 enomoya omenza abe buthakathaka;* wayeqhothile engakwazi nhlobo ukuma aqonde. 12 Lapho embona, uJesu wakhuluma naye wathi: “Sifazane, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” + 13 Wambeka izandla, ngaso leso sikhathi waqonda, waqala ukukhazimulisa uNkulunkulu. 14 Kodwa ngenxa yalokhu umphathi wesinagoge, ethukuthele ngoba uJesu elaphe ngeSabatha, wathi esixukwini: “Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; + anokuza nelashwe ngazo, hhayi ngosuku lweSabatha.” + 15 Nokho, iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, + ngamunye kini akayiqaqi yini inkomo yakhe noma imbongolo yakhe ngeSabatha esitebeleni ahambe nayo ayoyiphuzisa? + 16 Akufanele yini lona wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama, nowayeboshwe uSathane iminyaka engu-18, ukuba akhululwe kulobu bugqila ngosuku lweSabatha?” 17 Lapho isho lezi zinto, bonke abaphikisi bayo baba namahloni, kodwa sonke isixuku sajabula ngazo zonke izinto ezinhle eyayizenzile. +
18 Ngemva kwalokho yathi: “UMbuso kaNkulunkulu ufana nani, ngingawuqhathanisa nani? 19 Unjengohlamvu lwesinaphi umuntu aluthatha walutshala ensimini yakhe, lwakhula lwaba isihlahla, izinyoni zezulu zahlala emagatsheni aso.” +
20 Yaphinda yathi: “Ngingawuqhathanisa nani uMbuso kaNkulunkulu? 21 Ufana nemvubelo eyathathwa owesifazane wayifaka ezilinganisweni* ezintathu ezinkulu zikafulawa yaze yabila yonke inhlama.” +
22 Yahamba idolobha nedolobha, umuzi nomuzi, ifundisa futhi iqhubeka nohambo lwayo iya eJerusalema. 23 Umuntu othile wathi kuyo: “Nkosi, ingabe abasindiswayo bambalwa?” Yathi kubo: 24 “Sebenzani ngokuzikhandla ukuze ningene ngomnyango omncane, + ngoba ngiyanitshela, abaningi bayofuna ukungena kodwa ngeke bakwazi. 25 Lapho umninindlu evuka ekhiya umnyango, niyoma ngaphandle ningqongqoze emnyango, nithi, ‘Nkosi, sivulele.’ + Kodwa uyophendula athi kini, ‘Angazi ukuthi nivelaphi.’ 26 Niyoqala ukuthi, ‘Sasidla siphuza phambi kwakho, wawufundisa emigwaqweni yethu emikhulu.’ + 27 Kodwa uyothi kini, ‘Angazi ukuthi nivelaphi. Sukani kimi, nonke nina benzi bokubi!’ 28 Lapho yilapho niyokhala khona niququde amazinyo, lapho nibona u-Abrahama, u-Isaka, uJakobe nabo bonke abaprofethi eMbusweni kaNkulunkulu, kodwa nina nikhishelwe ngaphandle. + 29 Ngaphezu kwalokho, kuyofika abantu bevela empumalanga nasentshonalanga nasenyakatho naseningizimu, bayohlala etafuleni eMbusweni kaNkulunkulu. 30 Bhekani! kukhona abokugcina abayoba ngabokuqala, futhi kukhona abokuqala abayoba ngabokugcina.” +
31 Ngalo kanye lelo hora, kwafika abanye babaFarisi, bathi kuyo: “Phuma uhambe lapha ngoba uHerode ufuna ukukubulala.” 32 Yathi kubo: “Hambani nitshele leyo mpungushe nithi, ‘Bheka! Ngikhipha amademoni futhi ngelapha abantu namuhla nakusasa, ngosuku lwesithathu ngizobe sengiqedile.’ 33 Noma kunjalo, kumele ngihambe namuhla, nakusasa nangosuku olulandelayo, ngoba akukwazi* ukuba umprofethi abulawelwe ngaphandle kweJerusalema. + 34 Jerusalema, Jerusalema, mbulali wabaprofethi nokhanda ngamatshe labo abathunyelwe kuwe +—kukaningi kangakanani nje ngifuna ukubuthela abantwana bakho ndawonye ngendlela isikhukhukazi esibuthela ngayo amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso! Kodwa nina anifunanga. + 35 Bhekani! Indlu yenu ishiywa nani. + Ngiyanitshela, anisoze nangibona nize nithi: ‘Ubusisiwe lowo oza ngegama likaJehova!’ ” *+