א [Aleph]
119 Bayajabula abangasoleki endleleni yabo,
Abahamba ngomthetho kaJehova. +
2 Bayajabula abagcina izikhumbuzo zakhe, +
Abamfuna ngayo yonke inhliziyo yabo. +
3 Abakwenzi ukungalungi;
Bahamba ngezindlela zakhe. +
4 Wena uyale ukuba
Imiyalo yakho igcinwe ngokucophelela. +
5 Ukube nje bengiyohlala ngigxilile +
Ukuze ngigcine iziqondiso zakho!
6 Khona-ke bengingeke ngihlazeke +
Lapho ngihlola yonke imiyalo yakho.
7 Ngizokudumisa ngenhliziyo eqotho
Lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungile.
8 Ngizozigcina iziqondiso zakho.
Mawungangishiyi ngokuphelele.
ב [Beth]
9 Insizwa ingayigcina kanjani indlela yayo ihlanzekile?
Ngokuhlala iqaphile ngokuvumelana nezwi lakho. +
10 Ngikufuna ngenhliziyo yami yonke.
Ungangivumeli ngiphambuke emiyalweni yakho. +
11 Ngiyalilonda izwi lakho enhliziyweni yami +
Ukuze ngingoni kuwe. +
12 O Jehova, kwangathi ungadunyiswa;
Ngifundise iziqondiso zakho.
13 Ngimemezela ngezindebe zami
Zonke izahlulelo ozikhiphile.
14 Ngiyajabula ngezikhumbuzo zakho +
Ukwedlula zonke ezinye izinto zenani elikhulu. +
15 Ngizozindla ngemiyalo yakho +
Ngigcine amehlo ami esezindleleni zakho. +
16 Ngiyayithanda imithetho yakho.
Ngeke ngilikhohlwe izwi lakho. +
ג [Gimel]
17 Yiphathe ngomusa inceku yakho,
Ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho. +
18 Vula amehlo ami ukuze ngizibone kahle
Izinto ezimangalisayo ezisemthethweni wakho.
19 Ngiyisifiki nje ezweni. +
Ungangifihleli imiyalo yakho.
20 Ngiyafa ukulangazelela
Izahlulelo zakho ngaso sonke isikhathi.
21 Uyabakhuza abagabadelayo
Abaqalekisiwe, labo abaphambukayo emiyalweni yakho. +
22 Susa kimi ukwedelelwa nokweyiswa,
Ngoba ngizigcinile izikhumbuzo zakho.
23 Ngisho nalapho izikhulu zihlala ndawonye zikhulume ngokumelene nami,
Inceku yakho izindla ngeziqondiso zakho.
24 Ngiyazithanda izikhumbuzo zakho; +
Ziyangeluleka. +
ד [Daleth]
25 Ngilele othulini. +
Ngilonde ngokwesithembiso sakho. +
26 Ngikutshelile ngezindlela zami wangiphendula;
Ngifundise iziqondiso zakho. +
27 Ngenze ngikuqonde okushiwo yimiyalo yakho,
Ukuze ngizindle ngemisebenzi yakho emangalisayo. +
28 Bengiqwashile ngenxa yosizi.
Ngiqinise ngokwesithembiso sakho.
29 Susa kimi indlela yokukhohlisa, +
Ungibonise umusa ngomthetho wakho.
30 Ngikhethe indlela yokwethembeka. +
Ngiyaqaphela ukuthi izahlulelo zakho zilungile.
31 Ngibambelele ezikhumbuzweni zakho. +
O Jehova, ungangivumeli ngidumazeke. +
32 Ngizoyifuna ngokulangazela indlela yemiyalo yakho
Ngoba uyenzela indawo enhliziyweni yami.
ה [He]
33 O Jehova, ngifundise + indlela yeziqondiso zakho,
Ngizohamba kuyo kuze kube sekugcineni. +
34 Ngiphe ukuqonda,
Ukuze ngigcine umthetho wakho
Ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.
35 Ngihole endleleni yemiyalo yakho, +
Ngoba ngiyajabula ngayo.
36 Yenza inhliziyo yami ithande izikhumbuzo zakho,
Hhayi ukuhaha. +
37 Yenza ukuba amehlo ami angakuboni okungenanzuzo; +
Ngilonde endleleni yakho.
38 Gcwalisa isithembiso sakho owasenza encekwini yakho,
Ukuze wesatshwe.
39 Susa ihlazo engilesabayo,
Ngoba izahlulelo zakho zinhle. +
40 Bheka ukuthi ngiyilangazelela kanjani imiyalo yakho.
Ngilonde ngokulunga kwakho.
ו [Waw]
41 Kwangathi ngingathola uthando lwakho oluqotho, Jehova, +
Insindiso yakho ngokuvumelana nesithembiso sakho; +
42 Khona-ke ngiyomphendula ongiklolodelayo,
Ngoba ngithembele ezwini lakho.
43 Ungalisusi ngokuphelele izwi leqiniso emlonyeni wami,
Ngoba ngithembele esahlulelweni sakho.
44 Ngizowugcina njalo umthetho wakho,
Kuze kube phakade naphakade. +
45 Ngizohambahamba endaweni ephephile, +
Ngoba ngifuna imiyalo yakho.
46 Ngizokhuluma ngezikhumbuzo zakho phambi kwamakhosi,
Ngeke ngibe namahloni. +
47 Ngiyayithanda imiyalo yakho,
Yebo, ngiyayithanda. +
48 Ngizophakamisa izandla zami ngithandaze ngenxa yokuthi ngiyayithanda imiyalo yakho, +
Ngizozindla ngeziqondiso zakho. +
ז [Zayin]
49 Khumbula izwi owalisho encekwini yakho,
Elinginika ithemba.
50 Lena yinduduzo yami ekuhluphekeni kwami, +
Ngoba izwi lakho lingilondile.
51 Abagabadelayo bangihleka usulu ngokuphelele,
Kodwa angiphambuki emthethweni wakho. +
52 O Jehova, ngiyazikhumbula izahlulelo zakho zakudala, +
Ziyangiduduza. +
53 Ngigcwele intukuthelo evuthayo ngenxa yababi,
Abashiya umthetho wakho. +
54 Iziqondiso zakho ziyizingoma kimi
Nomaphi lapho ngihlala khona.
55 O Jehova, ebusuku ngiyalikhumbula igama lakho, +
Ukuze ngigcine umthetho wakho.
56 Lokhu bengilokhu ngikwenza
Ngoba ngiyigcinile imiyalo yakho.
ח [Heth]
57 UJehova uyifa lami; +
Ngenze isithembiso sokugcina amazwi akho. +
58 Ngikuncenga ngayo yonke inhliziyo yami; +
Ngibonise umusa + ngokwesithembiso sakho.
59 Ngizihlolile izindlela zami,
Ukuze ngiphinde ngilandele izikhumbuzo zakho. +
60 Ngiyashesha, angilibali
Ukugcina imiyalo yakho. +
61 Izintambo zababi zingizungezile,
Kodwa angiwukhohlwa umthetho wakho. +
62 Phakathi kwamabili ngiyavuka ukuze ngikubonge +
Ngezahlulelo zakho ezilungile.
63 Ngingumngani wabo bonke abakwesabayo
Nowalabo abagcina imiyalo yakho. +
64 O Jehova, uthando lwakho oluqotho lugcwele umhlaba; +
Ngifundise iziqondiso zakho.
ט [Teth]
65 O Jehova, uyiphathe kahle inceku yakho,
Ngokwezwi lakho.
66 Ngifundise ukuqonda nolwazi, +
Ngoba ngithembele emiyalweni yakho.
67 Ngaphambi kokuba ngihlupheke, ngangivame ukuphambuka,
Kodwa manje ngiyaligcina izwi lakho. +
68 Wena umuhle + nemisebenzi yakho mihle.
Ngifundise iziqondiso zakho. +
69 Abagabadelayo bangibheca ngamanga,
Kodwa mina ngigcina imiyalo yakho ngayo yonke inhliziyo yami.
70 Izinhliziyo zabo azisazweli, +
Kodwa mina ngiyawuthanda umthetho wakho. +
71 Kuhle ukuthi ngihlushiwe, +
Ukuze ngifunde iziqondiso zakho.
72 Umthetho owubekile muhle kimi, +
Wedlula izinkulungwane zezinhlamvu zegolide nezesiliva. +
י [Yod]
73 Izandla zakho zingenzile, zangibumba.
Ngiphe ukuqonda,
Ukuze ngifunde imiyalo yakho. +
74 Labo abakwesabayo bayangibona bajabule,
Ngoba ngithembele ezwini lakho. +
75 O Jehova, ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile +
Nokuthi ungijezisile ngenxa yokwethembeka kwakho. +
76 Ngiyacela, kwangathi uthando lwakho oluqotho + lungangiduduza,
Ngokwesithembiso owasenza encekwini yakho.
77 Ngibonise isihe, ukuze ngiqhubeke ngiphila, +
Ngoba ngiyawuthanda umthetho wakho. +
78 Kwangathi abagabadelayo bangahlazeka,
Ngoba bangona ngaphandle kwesizathu.
Kodwa mina ngizozindla ngemiyalo yakho. +
79 Labo abakwesabayo mababuyele kimi,
Labo abazaziyo izikhumbuzo zakho.
80 Inhliziyo yami mayingabi naphutha ekulandeleni iziqondiso zakho, +
Ukuze ngingahlazeki. +
כ [Kaph]
81 Ngilangazelela insindiso yakho, +
Ngoba ngithembele ezwini lakho.
82 Amehlo ami alangazelela izwi lakho +
Kuyilapho ngithi: “Uyongiduduza nini?” +
83 Ngoba nginjengesigubhu sesikhumba esilenga entuthwini,
Kodwa angizikhohlwa iziqondiso zakho. +
84 Inceku yakho kumele ilinde izinsuku ezingaki?
Uyosiletha nini isahlulelo kulabo abangishushisayo? +
85 Abagabadelayo bangimbela imigodi,
Labo abaphikisana nomthetho wakho.
86 Yonke imiyalo yakho ithembekile.
Abantu bangishushisa ngaphandle kwesizathu; ngisize! +
87 Bacishe bangiqothula,
Kodwa angizange ngiyishiye imiyalo yakho.
88 Ngilonde ngenxa yothando lwakho oluqotho,
Ukuze ngigcine izikhumbuzo ozishilo.
ל [Lamed]
89 O Jehova, izwi lakho limi emazulwini
Kuze kube phakade. +
90 Ukwethembeka kwakho kukuzo zonke izizukulwane. +
Uwumise waqina umhlaba, ukuze uqhubeke umile. +
91 Ngenxa yezahlulelo zakho kumile kuze kube namuhla,
Ngoba konke kuyizinceku zakho.
92 Ukube bengingawuthandi umthetho wakho,
Ngabe ngishabalele ekuhluphekeni kwami. +
93 Angisoze ngayikhohlwa imiyalo yakho,
Ngoba ngayo ungilondile. +
94 Ngingowakho; ngisindise, +
Ngoba ngiyifunile imiyalo yakho. +
95 Ababi balinde ukungiqothula,
Kodwa ngiyazinakisisa izikhumbuzo zakho.
96 Ngiwubonile umkhawulo wakho konke ukuphelela,
Kodwa umyalo wakho awunamkhawulo.
מ [Mem]
97 Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! +
Ngizindla ngawo usuku lonke. +
98 Umyalo wakho ungenza ngihlakaniphe kunezitha zami, +
Ngoba ungihola njalo.
99 Nginokuqonda kunabo bonke abangifundisayo, +
Ngoba ngizindla ngezikhumbuzo zakho.
100 Ngenza ngokuqonda kakhudlwana kunamadoda amadala,
Ngoba ngigcina imiyalo yakho.
101 Ngeke ngihambe kunoma iyiphi indlela yobubi, +
Ukuze ngigcine izwi lakho.
102 Angiphambuki ezahlulelweni zakho,
Ngoba wena ungifundisile.
103 Yeka indlela amazwi akho amnandi ngayo olimini lwami,
Adlula uju emlonyeni wami! +
104 Ngiziphatha ngokuqonda ngenxa yemiyalo yakho. +
Yingakho ngizizonda zonke izindlela zamanga. +
נ [Nun]
105 Izwi lakho liyisibani esiqondisa izinyathelo zami,
Nokukhanya okukhanyisa indlela yami. +
106 Ngenze isifungo futhi ngizosifeza,
Ukuze ngigcine izahlulelo zakho ezilungile.
107 Ngihlushwe kakhulu. +
O Jehova, ngilonde ngokwezwi lakho. +
108 O Jehova, ngicela uyijabulele iminikelo yami yokuzithandela yokudumisa, +
Ungifundise izahlulelo zakho. +
109 Ukuphila kwami kuhlale kusengozini,
Kodwa angizange ngiwukhohlwe umthetho wakho. +
110 Ababi bangibekele isicupho,
Kodwa angiphambukanga emiyalweni yakho. +
111 Izikhumbuzo zakho ziyohlale zinami,
Ngoba ziyayijabulisa inhliziyo yami. +
112 Nginqume ukulalela iziqondiso zakho
Ngaso sonke isikhathi, kuze kube sekugcineni.
ס [Samekh]
113 Ngiyabazonda abanhliziyombili, +
Kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho. +
114 Wena uyindawo yami yokucasha nehawu lami. +
Ngoba ngithembele ezwini lakho. +
115 Ningasondeli kimi, nina bantu ababi, +
Ukuze ngigcine imiyalo kaNkulunkulu wami.
116 Ngisekele njengoba wangithembisa, +
Ukuze ngiqhubeke ngiphila;
Ungavumeli ithemba lami liphenduke indumalo. +
117 Ngisekele ukuze ngisindiswe; +
Khona-ke ngiyohlale ngigxile eziqondisweni zakho. +
118 Ubalahlile bonke abaphambukayo eziqondisweni zakho, +
Ngoba banamanga futhi bayakhohlisa.
119 Ubalahla njengokungathi udoti bonke ababi bomhlaba. +
Yingakho ngizithanda izikhumbuzo zakho.
120 Ukukwesaba kwenza umzimba wami uqhaqhazele;
Ngiyazesaba izahlulelo zakho.
ע [Ayin]
121 Ngikhiphe izahlulelo ezinobulungisa ngenza okulungile.
Unganginikeli kulabo abangicindezelayo!
122 Thembisa ukuthi uzoyisiza inceku yakho;
Kwangathi abagabadelayo bangengicindezele.
123 Amehlo ami akhathele ngilinde insindiso yakho +
Nesithembiso sakho esilungile. +
124 Bonisa inceku yakho uthando lwakho oluqotho, +
Ungifundise iziqondiso zakho. +
125 Ngiyinceku yakho; ngiphe ukuqonda, +
Ukuze ngazi izikhumbuzo zakho.
126 Sesifikile isikhathi sokuba uJehova athathe isinyathelo, +
Ngoba bawuphulile umthetho wakho.
127 Yingakho ngiyithanda imiyalo yakho
Ngaphezu kwegolide, yebo igolide elicwengekile. +
128 Ngakho-ke, yonke imiyalo yakho ngiyibona ilungile; +
Ngiyazizonda zonke izindlela zamanga. +
פ [Pe]
129 Izikhumbuzo zakho ziyamangalisa.
Yingakho ngizigcina.
130 Ukwambulwa kwamazwi akho kuletha ukukhanya, +
Kwenza abangenalwazi baqonde. +
131 Ngiyayomela imiyalo yakho,
Ngiyilangazelela kakhulu imiyalo yakho. +
132 Phendukela kimi ungibonise umusa, +
Ngokuvumelana nendlela owahlulela ngayo labo abathanda igama lakho. +
133 Qondisa izinyathelo zami ngezwi lakho;
Makungabi nabubi obungibusayo. +
134 Ngikhulule kubantu abangicindezelayo,
Ngizoyigcina imiyalo yakho.
135 Yenza ubuso bakho bukhanye encekwini yakho, +
Ungifundise iziqondiso zakho.
136 Amehlo ami ageleza izinyembezi
Ngenxa yokuthi abantu abawugcini umthetho wakho. +
צ [Tsade]
137 O Jehova, ulungile, +
Wahlulela ngobulungisa. +
138 Izikhumbuzo zakho zilungile
Zithembeke ngokuphelele.
139 Ukuzinikela kwami kuwe kunjengomlilo ovuthayo ngaphakathi kimi, +
Ngoba izitha zami ziwakhohliwe amazwi akho.
140 Izwi lakho licwengisisiwe, +
Inceku yakho iyalithanda. +
141 Angilutho futhi ngidelelekile; +
Noma kunjalo, angizange ngiyikhohlwe imiyalo yakho.
142 Ukulunga kwakho kuwukulunga kwaphakade, +
Umthetho wakho uyiqiniso. +
143 Nakuba ukucindezeleka nobunzima kungehlela,
Ngilokhu ngiyithanda imiyalo yakho.
144 Ukulunga kwezikhumbuzo zakho kuhlala kuze kube phakade.
Ngiphe ukuqonda, + ukuze ngiqhubeke ngiphila.
ק [Qoph]
145 Ngikubiza ngenhliziyo yami yonke. O Jehova, ngiphendule.
Ngizozigcina iziqondiso zakho.
146 Ngiyakubiza; ngisindise!
Ngizozigcina izikhumbuzo zakho.
147 Ngivuke ekuseni ngovivi, ngakhalela usizo, +
Ngoba ngithembele emazwini akho.
148 Amehlo ami ayavuleka phakathi nobusuku,
Ukuze ngizindle ngezwi lakho. +
149 Lalela izwi lami ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
O Jehova, ngilonde ngokuvumelana nobulungisa bakho.
150 Labo abaziphatha ngokuhlazisayo basondela kimi;
Bakude nomthetho wakho.
151 O Jehova, wena useduze, +
Yonke imiyalo yakho iyiqiniso. +
152 Ngazazi kudala izikhumbuzo zakho,
Owazimisa ukuze zihlale phakade. +
ר [Resh]
153 Kubone ukuhlupheka kwami, ungikhulule, +
Ngoba angizange ngiwukhohlwe umthetho wakho.
154 Ngivikele ungikhulule; +
Ngilonde ngokwesithembiso sakho.
155 Insindiso ikude nababi,
Ngoba abazange bazifune iziqondiso zakho. +
156 O Jehova, sikhulu isihe sakho. +
Ngilonde ngokuvumelana nobulungisa bakho.
157 Ziningi izitha zami kanye nabangishushisayo; +
Kodwa angizange ngiphambuke ezikhumbuzweni zakho.
158 Ngibabheka ngokubenyanya abakhohlisayo,
Ngoba abaligcini izwi lakho. +
159 Bheka ukuthi ngiyithanda kanjani imiyalo yakho!
O Jehova, ngilonde ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
160 Izwi lakho lilonke liyiqiniso, +
Nazo zonke izahlulelo zakho ezilungile zihlala kuze kube phakade.
ש [Sin] noma [Shin]
161 Izikhulu zingishushisa + ngaphandle kwesizathu,
Kodwa inhliziyo yami iyamangala ngenxa yamazwi akho. +
162 Ngiyathokoza ngezwi lakho +
Njengomuntu othola impango eningi.
163 Ngiyawazonda amanga—ngiyawenyanya +—
Ngiyawuthanda umthetho wakho. +
164 Ngikudumisa kasikhombisa ngosuku
Ngenxa yezahlulelo zakho ezilungile.
165 Ukuthula okuchichimayo kungokwalabo abathanda umthetho wakho; +
Akukho lutho olungabakhuba.
166 O Jehova, ngithembele ensindisweni yakho,
Ngiyayigcina imiyalo yakho.
167 Ngiyazigcina izikhumbuzo zakho,
Ngizithanda kakhulu. +
168 Ngiyayigcina imiyalo yakho nezikhumbuzo zakho,
Ngoba uyakwazi konke engikwenzayo. +
ת [Taw]
169 O Jehova, kwangathi ungangizwa lapho ngikhalela usizo. +
Ngenze ngiqonde, ngokwezwi lakho. +
170 Kwangathi ungakulalela ukunxusa kwami.
Ngisindise ngokwesithembiso sakho.
171 Kwangathi izindebe zami zingachichima amazwi okudumisa, +
Ngoba ungifundisa iziqondiso zakho.
172 Kwangathi ulimi lwami lungahuba ngezwi lakho, +
Ngoba yonke imiyalo yakho ilungile.
173 Kwangathi isandla sakho singakulungela ukungisiza, +
Ngoba ngikhetha ukulalela imiyalo yakho. +
174 O Jehova, ngilangazelela insindiso yakho,
Nomthetho wakho ngiyawuthanda. +
175 Kwangathi ngingaphila ukuze ngikudumise; +
Kwangathi izahlulelo zakho zingangisiza.
176 Ngidukile njengemvu elahlekile. + Funa inceku yakho,
Ngoba angizange ngiyikhohlwe imiyalo yakho. +