IzAga
2 Ndodana yami, uma uwamukela amazwi ami+ futhi uyilonda kuwe imiyalo yami,+ 2 ukuze unake ukuhlakanipha ngendlebe yakho,+ ukuze uthambekisele inhliziyo yakho ekuqondeni;+ 3 uma, ngaphezu kwalokho, umemeza ufuna ukuqonda+ futhi uzwakalisa izwi lakho ufuna ikhono lokwahlukanisa,+ 4 uma uqhubeka ukufuna njengokungathi ufuna isiliva,+ futhi uqhubeka ukuhlwaya njengokungathi uhlwaya ingcebo efihliweyo,+ 5 uma wenza kanjalo uyokuqonda ukumesaba+ uJehova, futhi uyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu.+ 6 Ngoba uJehova unikeza ukuhlakanipha;+ emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda.+ 7 Abaqotho uyobabekelela ukuhlakanipha okusebenzayo;+ uyisihlangu kulabo abahamba ngobuqotho,+ 8 ngokuqapha izindlela zokwahlulela,+ futhi uyoyiqapha indlela yabathembekileyo bakhe.+ 9 Uma wenza kanjalo uyokuqonda ukulunga nekhono lokwahlulela nobuqotho, yonke inkambo yokuhle.+
10 Lapho ukuhlakanipha kungena enhliziyweni yakho+ nolwazi luba mnandi emphefumulweni wakho,+ 11 ikhono lokucabanga liyokuqapha,+ ukuqonda kuyokulonda,+ 12 ukuze kukukhulule endleleni embi,+ kumuntu okhuluma izinto ezonakele,+ 13 kulabo abazishiyayo izindlela zobuqotho ukuze bahambe ezindleleni zobumnyama,+ 14 kulabo abajabulayo ngokwenza okubi,+ abajabulayo ngezinto ezonakele zobubi,+ 15 abazindlela zabo zigwegwile futhi abakhohlisayo endleleni yabo evamile;+ 16 ukuze kukukhulule kowesifazane ongaziwa, kowesifazane wesinye isizwe+ owenze bushelelezi amazwi akhe,+ 17 oshiya umngane oyisifuba wobusha bakhe+ nosikhohliwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe.+ 18 Ngoba indlu yakhe ishona phansi ekufeni nezindlela zakhe zehlela phansi kulabo abangenamandla ekufeni.+ 19 Akekho noyedwa kulabo abalala naye oyobuya, futhi ngeke baphinde bazithole izindlela zabaphilayo.+
20 Injongo iwukuba uhambe ngendlela yabantu abahle+ nokuba ugcine izindlela zabalungileyo.+ 21 Ngoba ngabaqotho abayohlala emhlabeni,+ futhi ngabangasoleki abayosala kuwo.+ 22 Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni;+ abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.+