NgokukaMathewu
16 AbaFarisi nabaSadusi beza kuye ukuze bamvivinye, bamcela ukuba abavezele isibonakaliso esivela ezulwini. + 2 Ephendula wathi kubo: “Uma kuhwalala nithi, ‘Izulu lizoba lihle, ngoba isibhakabhaka sibomvu njengomlilo,’ 3 ekuseni nithi, ‘Namuhla izulu lizobanda, libe nemvula ngoba isibhakabhaka sibomvu njengomlilo kodwa liguqubele.’ Niyakwazi ukuchaza ukubonakala kwesibhakabhaka, kodwa aniyiqondi incazelo yezenzakalo ezenzeka manje. 4 Isizukulwane esibi nesiphingayo* siyaqhubeka sifuna isibonakaliso, kodwa akukho sibonakaliso esizonikwa sona + ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona.” + Ngemva kwalokho wahamba, wabashiya.
5 Manje abafundi bawelela ngaphesheya bakhohlwa ukuphatha izinkwa. + 6 UJesu wathi kubo: “Hlalani nivule amehlo, niqaphele imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” + 7 Ngakho baqala ukukhuluma bebodwa, bethi: “Asiphathanga zinkwa.” 8 Ekwazi lokhu, uJesu wathi: “Kungani nixoxa nodwa ngokuthi aninazinkwa, nina eninokholo oluncane? 9 Anikaqondi namanje ukuthi ngithini, noma anisazikhumbuli izinkwa ezinhlanu ezadliwa abangu-5 000 nokuthi bangaki obhasikidi enababutha? + 10 Noma izinkwa eziyisikhombisa ezadliwa abangu-4 000 nokuthi bangaki obhasikidi abakhulu* enababutha? + 11 Kwenzeka kanjani ukuba ningaqondi ukuthi bengingakhulumi nani ngezinkwa? Kodwa qaphelani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” + 12 Khona-ke baqonda ukuthi wayengasho ukuthi baqaphele imvubelo yezinkwa, kodwa imfundiso yabaFarisi nabaSadusi.
13 Lapho esefike esifundeni saseKhesariya Filipi, uJesu wabuza abafundi bakhe wathi: “Abantu bathi iNdodana yomuntu ingubani?” + 14 Bathi: “Abanye bathi inguJohane uMbhapathizi, + abanye bathi ingu-Eliya, + kanti abanye bathi inguJeremiya noma ingomunye wabaprofethi.” 15 Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani?” 16 USimoni Petru waphendula wathi: “UnguKristu, + iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” + 17 UJesu ephendula wathi kuye: “Uyajabula Simoni ndodana kaJona, ngoba lokhu awukwambulelwanga yinyama negazi,* kodwa ukwambulelwe nguBaba osemazulwini. + 18 Ngithi kuwe: Wena unguPetru, + phezu kwaleli dwala + ngizokwakha ibandla lami, amasango eThuna* ngeke alehlule. 19 Ngizokunika izihluthulelo zoMbuso wamazulu, noma yini ongase uyibophe emhlabeni iyobe isiboshiwe emazulwini, nanoma yini ongase uyikhulule emhlabeni iyobe isikhululiwe emazulwini.” 20 Khona-ke wabadonsa ngendlebe abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi unguKristu. +
21 Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, uJesu waqala ukuchazela abafundi bakhe ukuthi kwakumele aye eJerusalema, ahlupheke ngezinto eziningi ezivela emadodeni amadala nakubapristi abakhulu nakubabhali futhi abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu. + 22 Khona-ke uPetru wambizela eceleni wamkhuza, ethi: “Yiba nomusa kuwe, Nkosi; ngeke neze lokhu kwenzeke kuwe.” + 23 Kodwa efulathela, wathi kuPetru: “Yana emva kwami, Sathane! Uyisikhubekiso kimi, ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, ucabanga eyabantu.” +
24 UJesu wabe esethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa* angilandele njalo. + 25 Ngoba noma ubani ofuna ukusindisa ukuphila kwakhe kuyomlahlekela, kodwa noma ubani olahlekelwa ukuphila kwakhe ngenxa yami uyosindiswa. + 26 Ngempela, kuyomsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke kodwa alahlekelwe ukuphila kwakhe? + Noma, yini umuntu angayikhipha ukuze athole ukuphila kwakhe? + 27 INdodana yomuntu iyoza ngenkazimulo kaYise ikanye nezingelosi zayo, khona-ke iyobuyisela kulowo nalowo ngokokuziphatha kwakhe. + 28 Ngiqinisile ngithi kini kukhona abanye kulaba abami lapha abangeke bakunambithe nhlobo ukufa bengakayiboni iNdodana yomuntu iza eMbusweni wayo.” +