21 Inhliziyo yenkosi injengemifudlana yamanzi esandleni sikaJehova. +
Uyiqondisa noma kuphi lapho ethanda khona. +
2 Zonke izindlela zomuntu zibonakala zilungile kuye, +
Kodwa uJehova uhlola izinhliziyo. +
3 Ukwenza okulungile nokunobulungisa
Kumjabulisa kakhulu uJehova kunomhlatshelo. +
4 Amehlo azidlayo abantu ababi nenhliziyo yabo ezikhukhumezayo
Kuyisibani esikhanyisa indlela yabo futhi lezi zinto ziyisono. +
5 Ngokuqinisekile amacebo okhuthele amenza aphumelele, +
Kodwa bonke abanamawala ngokuqinisekile bazifaka ekuhluphekeni. +
6 Ukuthola ingcebo ngokuqamba amanga
Kunjengenkungu eshabalalayo, ugibe olubulalayo. +
7 Ubudlova babantu ababi buyobaqothula +
Ngoba bayenqaba ukwenza ngobulungisa.
8 Indlela yomuntu onecala igwegwile,
Kodwa imisebenzi yomuntu omsulwa iqotho. +
9 Kungcono ukuhlala echosheni lophahla
Kunokuhlala endlini eyodwa nomfazi othanda ingxabano. +
10 Omubi ufisa okubi; +
Akambonisi umusa umakhelwane wakhe. +
11 Lapho umhleki wosulu ejeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha,
Nalapho umuntu ohlakaniphile ethola ukuqondisisa, uthola ulwazi. +
12 Olungile uyayibona indlu yomubi;
Wenza ababi behlelwe inhlekelele. +
13 Noma ubani ovala indlebe yakhe ukuze angakuzwa ukukhala komuntu ophansi
Naye uyobiza angaphendulwa. +
14 Isipho esenziwa ekusithekeni sinciphisa intukuthelo, +
Nesifumbathiso esikhishwa ekusithekeni sidambisa ulaka oluvuthayo.
15 Kuyinjabulo kolungile ukwenza ubulungisa, +
Kodwa kuyinto embi kulabo abenza okubi.
16 Umuntu ophambukayo endleleni yokuqonda
Uyophumula nabangenamandla ekufeni. +
17 Othanda ubumnandi uyoba mpofu; +
Othanda iwayini namafutha ngeke acebe.
18 Omubi uyisihlengo solungile,
Nowenza ngokukhohlisa kuyothathwa yena esikhundleni soqotho. +
19 Kungcono ukuhlala ehlane
Kunokuhlala nomfazi othanda ingxabano nosheshe acasuke. +
20 Ingcebo eyigugu namafutha kutholakala endlini yomuntu ohlakaniphile, +
Kodwa umuntu oyisiphukuphuku uyokusaphaza lokho anakho. +
21 Noma ubani ophishekela ukulunga nothando oluqotho
Uyothola ukuphila, ukulunga nodumo. +
22 Ohlakaniphile wenyuka ngezindonga zedolobha labanamandla
Aqede amandla abathembele kuwo. +
23 Oqapha umlomo wakhe nolimi lwakhe
Akangeni ezinkingeni. +
24 Umuntu owenza ngokungacabangi, ophamazelayo kuthiwa
Uyagabadela, + uyazikhukhumeza futhi uyazazisa.
25 Lokho ivila elikufisayo kuyolibulala,
Ngoba izandla zalo azifuni ukusebenza. +
26 Usuku lonke ngobugovu lihahela izinto ezengeziwe,
Kodwa olungile uyapha, akagodli lutho. +
27 Umhlatshelo womubi uyanengeka. +
Kakhulu kangakanani-ke uma ewunikela ngezinhloso ezimbi.
28 Ufakazi oqamba amanga uyoshabalala, +
Kodwa umuntu olalelayo uyofakaza ngempumelelo.
29 Umuntu omubi wenza abanye bacabange ukuthi unesibindi, +
Kodwa yindlela yoqotho eqinisekile. +
30 Akukho ukuhlakanipha, ukuqonda noma iseluleko esingamelana noJehova. +
31 Ihhashi lilungiselelwa usuku lwempi, +
Kodwa insindiso ekaJehova. +