Genesise
3 Inyoka + yayiqaphe* kunazo zonke izilwane zasendle uJehova uNkulunkulu ayezenzile. Ngakho yathi kowesifazane: “Ingabe uNkulunkulu ushilo ngempela ukuthi akumele nidle kuzo zonke izihlahla ezisensimini?” + 2 Owesifazane wathi enyokeni: “Singazidla izithelo zezihlahla ezisensimini. + 3 Kodwa mayelana nezithelo zesihlahla esiphakathi kwensimu, + uNkulunkulu uthe: ‘Ningadli kuso, cha, ningasithinti; ukuze ningafi.’” 4 Inyoka yathi kowesifazane: “Ngokuqinisekile ngeke nife. + 5 Yingoba uNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuso, amehlo enu ayovuleka futhi niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.” +
6 Ngenxa yalokho, owesifazane wabona ukuthi isihlahla sasikufanelekela ukudliwa; sasihaleleka ngempela futhi sisihle.* Ngakho wathatha isithelo saso wasidla. + Kamuva wanika nomyeni wakhe lapho sebendawonye, naye wadla. + 7 Ngemva kwalokho amehlo abo bobabili avuleka, babona ukuthi bahamba-ze. Ngakho bathunga amacembe omkhiwane bazenzela izinto zokubhinca. +
8 Kamuva bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu njengoba ayehamba ensimini ngesikhathi sokuvunguza komoya,* indoda nomkayo bamcashela uJehova uNkulunkulu phakathi kwezihlahla zensimu. 9 UJehova uNkulunkulu wayelokhu embiza umuntu ethi kuye: “Ukuphi?” 10 Ekugcineni wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, kodwa bengesaba ngoba bengihamba-ze ngase ngiyacasha.” 11 Kulokho wathi: “Ubani okutshele ukuthi ubuhamba-ze? + Ingabe udlile esihlahleni engakuyala ukuba ungadli kuso?” + 12 Umuntu wathi: “Owesifazane onginike yena ukuba abe nami, unginike isithelo sesihlahla, ngadla.” 13 UJehova uNkulunkulu wabe esethi kowesifazane: “Yini le oyenzile?” Owesifazane waphendula: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.” +
14 Ngemva kwalokho uJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: + “Ngenxa yokuthi wenze le nto, uqalekisiwe kuzo zonke izilwane ezifuywayo nakuzo zonke izilwane zasendle. Uyohamba ngesisu, udle uthuli zonke izinsuku zokuphila kwakho. 15 Ngizobeka ubutha* + phakathi kwakho + nowesifazane + naphakathi kwenzalo* yakho + nenzalo* yakhe. + Yona iyochoboza* ikhanda lakho, + wena uyoyilimaza* esithendeni.” +
16 Kowesifazane wathi: “Ngizobandisa kakhulu ubuhlungu bokukhulelwa kwakho; uyozala abantwana kabuhlungu, uyoba nesifiso esijulile sokuba nomyeni wakho, futhi yena uyokubusa.”
17 Ku-Adamu* wathi: “Ngenxa yokuthi ulalele izwi lomkakho wadla esihlahleni engakuyala ngaso ngathi, + ‘Ungadli kuso,’ uqalekisiwe umhlabathi ngenxa yakho. + Uzodla umkhiqizo wawo ngobuhlungu zonke izinsuku zokuphila kwakho. + 18 Uzokuvezela ameva nokhula, futhi uzodla izinto ezimilayo zasendle. 19 Uzodla isinkwa* ngesithukuthuku sobuso bakho uze ubuyele emhlabathini, ngoba wathathwa kuwo. + Ngoba uluthuli, uyobuyela othulini.” +
20 Ngemva kwalokhu u-Adamu waqamba umkakhe ngokuthi u-Eva,* ngoba wayezoba unina wabo bonke abantu abaphilayo. + 21 UJehova uNkulunkulu wenzela u-Adamu nomkakhe izembatho ezinde zesikhumba ukuze bazigqoke. + 22 UJehova uNkulunkulu wabe esethi: “Bheka umuntu usenjengomunye wethu ngokuqondene nokwazi okuhle nokubi. + Manje ukuze angeluli isandla sakhe akhe izithelo nasesihlahleni sokuphila + adle aphile kuze kube phakade,*—” 23 Ngemva kwalokho uJehova uNkulunkulu wamxosha umuntu ensimini yase-Edene + ukuba alime umhlabathi ayethathwe kuwo. + 24 Ngakho wamxosha futhi wabeka empumalanga yensimu yase-Edene amakherubi + nenkemba eyayilokhu iphenduka futhi ivutha amalangabi ukuba aqaphe indlela eya esihlahleni sokuphila.