KumaHebheru
10 Njengoba uMthetho unesithunzi + sezinto ezinhle ezizayo, + kodwa kungezona lezo zinto uqobo, ngemihlatshelo efanayo enikelwa njalo unyaka nonyaka, awusoze wabenza* baphelele labo abasondela kuNkulunkulu. + 2 Ukube bekunjalo, imihlatshelo yayingeke yini iyeke ukunikelwa, ngoba labo abanikela inkonzo engcwele asebehlanziwe babengeke besaba nomuzwa wecala ngenxa yezono zabo? 3 Ngokuphambene nalokho, le mihlatshelo ikhumbuza ngezono unyaka nonyaka, + 4 ngoba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkomo nelezimbuzi lisuse izono.
5 Ngakho lapho efika ezweni uthi: “ ‘Awuzange uwufune umhlatshelo nomnikelo, kodwa ungilungiselele umzimba. 6 Awuzange uyamukele iminikelo eshiswayo ephelele neminikelo yesono.’ + 7 Ngakho ngathi: ‘Bheka! Ngize ukuzokwenza intando yakho (kulotshiwe ngami emqulwini*), Nkulunkulu.’ ” + 8 Ngemva kokuthi kuqala: “Awuzange uyifune futhi awuzange uyamukele imihlatshelo neminikelo kanye neminikelo eshiswayo ephelele neminikelo yesono”—imihlatshelo enikelwa ngokoMthetho— 9 ube esethi: “Bheka! Ngize ukuzokwenza intando yakho.” + Uqeda okokuqala ukuze amise okwesibili. 10 Ngale ‘ntando’ + singcwelisiwe ngomnikelo womzimba kaJesu Kristu kube kanye kuphela. +
11 Futhi, umpristi uma endaweni yakhe usuku nosuku ukuze anikele inkonzo engcwele *+ anikele nemihlatshelo efanayo kaningi, + engasoze yakwazi ukususa izono ngokuphelele. + 12 Kodwa lo muntu wanikela umhlatshelo owodwa wezono osebenza kuze kube phakade futhi wahlala ngakwesokudla sikaNkulunkulu, + 13 kusukela ngaleso sikhathi, ulindele ukuba izitha zakhe zibekwe njengesenabelo sezinyawo zakhe. + 14 Ngoba ngumnikelo owodwa womhlatshelo enze ngawo labo abangcweliswayo baphelela phakade. + 15 Ngaphezu kwalokho, umoya ongcwele nawo uyafakaza kithi, ngoba ngemva kokuba uthe: 16 “ ‘Yilesi isivumelwano engiyosenza nabo ngemva kwalezo zinsuku,’ kusho uJehova.* ‘Ngiyofaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyilobe nasezingqondweni zabo.’ ” + 17 Ube sewuthi: “Ngeke ngisazikhumbula izono zabo nezenzo zabo zokweqa umthetho.” + 18 Manje lapho kukhona khona ukuthethelelwa kwazo, awusadingeki umnikelo wesono.
19 Ngakho-ke, bazalwane, njengoba sinesibindi* ngokuqondene nendlela engena endaweni engcwele + ngegazi likaJesu, 20 asivulela yona njengendlela entsha nephilayo edabula ikhethini, + okuwukuthi, inyama yakhe, 21 futhi njengoba sinompristi omkhulu phezu kwendlu kaNkulunkulu, + 22 masisondele ngezinhliziyo eziqotho nangokholo oluphelele, izinhliziyo zethu zifafaziwe zahlanzeka kunembeza omubi + nemizimba yethu igezwe ngamanzi ahlanzekile. + 23 Masiphikelele ekulimemezeleni obala ithemba lethu ngaphandle kokuntengantenga, + ngoba uthembekile lowo owathembisa. 24 Futhi masicabangelane* ukuze sivuselelane* uthando nemisebenzi emihle, + 25 singakuyeki ukuhlangana ndawonye, + njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, + futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela. +
26 Ngoba uma senza isono ngamabomu ngemva kokuba sesithole ulwazi olunembile lweqiniso, + awusekho umhlatshelo wesono osele, + 27 kodwa ngokwesaba silindele isahlulelo nentukuthelo evutha njengomlilo eyodla labo abaphikisayo. + 28 Noma ubani oye wangawunaka uMthetho KaMose ufa ngaphandle kokuhawukelwa ngobufakazi bababili noma abathathu. + 29 Nicabanga ukuthi uyofanelwa isijeziso esikhulu kangakanani umuntu onyathele iNdodana kaNkulunkulu futhi walibheka njengento evamile igazi lesivumelwano + angcweliswa ngalo, nothukuthelise umoya womusa omkhulu ngokwedelela? + 30 Ngoba siyamazi Lowo owathi: “Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina.” Wathi futhi: “UJehova* uyokwahlulela abantu bakhe.” + 31 Kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.
32 Ningayikhohlwa indlela enakhuthazelela ngayo izinto eziningi naphezu kwezinhlupheko, ngemva kokuba senikhanyiselwe. + 33 Ngezinye izikhathi nanenekwa obala* esihlambeni nasezinsizini, futhi ngezinye izikhathi nanihlanganyela* nalabo ababebhekene nokunjalo. 34 Nabonisa uzwela kulabo abasejele futhi nakwamukela ngenjabulo ukuphangwa kwezinto zenu, + nazi ukuthi nina ninempahla engcono nehlalayo. +
35 Ngakho-ke, ningayeki ukukhuluma ngesibindi,* njengoba kunomvuzo omkhulu okuzokhokhelwa kona. + 36 Ngoba ninesidingo sokukhuthazela, + ukuze ngemva kokuba seniyenzile intando kaNkulunkulu, nizitholele lokho uNkulunkulu akuthembisile. 37 Ngoba kusele “isikhathi esincane kakhulu,” + futhi “lowo ozayo uzofika, ngeke alibale.” + 38 “Kodwa olungile wami uyophila ngenxa yokholo,” + futhi, “uma ehlehlela emuva, angijabuli ngaye.” + 39 Asilona uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni, + kodwa siluhlobo olunokholo ukuze kulondwe ukuphila kwethu.