NgokukaMathewu
19 Lapho uJesu eseqedile ukusho lezi zinto, wasuka eGalile waya emingceleni yaseJudiya ngaphesheya kweJordani. + 2 Isixuku esikhulu samlandela, waselapha khona.
3 AbaFarisi beza kuye, behlose ukumvivinya, bathi: “Kungokomthetho yini ukuba indoda idivose umkayo nganoma yiziphi izizathu?” + 4 Ephendula wathi: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, + 5 wathi: ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? + 6 Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” + 7 Bathi kuye: “Pho-ke, kungani uMose athi makanikwe isitifiketi sokumxosha futhi amdivose?” + 8 Wathi kubo: “Ngenxa yokucabangela izinhliziyo zenu ezilukhuni, uMose wanivumela ukuba nidivose omkenu, + kodwa kwakungenjalo ekuqaleni. + 9 Ngithi kini noma ubani odivosa umkakhe, ngaphandle kwesizathu sokuziphatha kabi ngokocansi,* ashade nomunye, uyaphinga.” +
10 Abafundi bathi kuye: “Uma sinjalo isimo somuntu ngomkakhe, akukuhle ukushada.” 11 Wathi kubo: “Akubona bonke abantu abalitholela indawo lelo zwi, kodwa yilabo abanesiphiwo kuphela. + 12 Ngoba kukhona abathenwa abazalwa benjalo, futhi kukhona abathenwa abenziwa abathenwa ngabantu, futhi kukhona abathenwa abaye bazenza abathenwa ngenxa yoMbuso wamazulu. Lowo ongase akwazi ukukutholela indawo makakutholele indawo.” +
13 Kwase kulethwa abantwana kuye, ukuze ababeke izandla abathandazele, kodwa abafundi babakhuza. + 14 Nokho, uJesu wathi: “Bayekeni abantwana, ningabavimbi ukuba beze kimi, ngoba uMbuso wamazulu ungowabanjalo.” + 15 Wababeka izandla wahamba lapho.
16 Bheka! othile weza kuye wathi: “Mfundisi, yini enhle okumele ngiyenze ukuze ngithole ukuphila okuphakade?” + 17 Wathi kuye: “Kungani ungibuza ngokuphathelene nokuhle? Munye omuhle. + Nokho, uma ufuna ukungena ekuphileni, gcina imiyalo njalo.” + 18 Wathi kuye: “Miphi?” UJesu wathi: “Ethi, ungabulali, + ungaphingi, + ungebi, + ungafakazi amanga, + 19 hlonipha uyihlo nonyoko, + nothi kumele uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” + 20 Le nsizwa yathi kuye: “Ngiyigcinile yonke le miyalo; yini engisashoda ngayo?” 21 UJesu wathi kuyo: “Uma ufuna ukuphelela, hamba uthengise konke okungokwakho uphe abahluphekayo, khona-ke uyoba nengcebo ezulwini; + bese uza ube umlandeli wami.” + 22 Lapho le nsizwa izwa lokhu, yahamba ilusizi, ngoba yayinempahla eningi. + 23 UJesu wabe esethi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini kuyoba nzima ngesicebi ukungena eMbusweni wamazulu. + 24 Futhi ngithi kini, kulula ukuba ikamela lichushe embotsheni yenaliti kunokuba isicebi singene eMbusweni kaNkulunkulu.” +
25 Lapho abafundi bezwa lokho, bamangala kakhulu, bathi: “Ubani ngempela ongasindiswa?” + 26 UJesu wababheka emehlweni, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.” +
27 UPetru waphendula wathi: “Bheka! Sishiye zonke izinto sakulandela; khona-ke siyotholani?” + 28 UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini, ekudalweni kabusha, lapho iNdodana yomuntu ihlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo, nina eniye nangilandela niyohlala ezihlalweni zobukhosi ezingu-12, nahlulele izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli. + 29 Futhi wonke umuntu oshiye izindlu noma abafowabo noma odadewabo noma uyise noma unina noma abantwana noma amasimu ngenxa yegama lami, uyokwamukela okuphindwe izikhathi eziyikhulu futhi azuze ukuphila okuphakade. +
30 “Kodwa abaningi abangabokuqala bayoba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala. +