NgokukaLuka
22 UMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, obizwa ngokuthi iPhasika, + wawusondela. + 2 Abapristi abakhulu nababhali babefuna indlela ekahle yokumbulala, + ngoba babesaba abantu. + 3 USathane wangena kuJuda, okuthiwa u-Iskariyothe, owayengomunye wabayiShumi Nambili, + 4 wahamba wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna zethempeli ngokuthi wayezomnikela kanjani uJesu kubo. + 5 Kwabajabulisa kakhulu lokho futhi bavuma ukumnika imali yesiliva. + 6 Ngakho wavuma, waqala ukufuna ithuba elihle lokumkhaphela singekho isixuku eduze.
7 Lwafika usuku lweSinkwa Esingenamvubelo, okumele kwenziwe ngalo umhlatshelo wePhasika; + 8 ngakho uJesu wathuma uPetru noJohane, wathi: “Hambani nisilungisele iPhasika ukuze sidle.” + 9 Bathi kuye: “Ufuna sililungiselele kuphi?” 10 Wathi kubo: “Bhekani! Lapho ningena edolobheni nizohlangana nendoda ethwele imbiza yamanzi. Yilandeleni ningene endlini engena kuyo. + 11 Nithi kumninindlu, ‘UMfundisi uthi kuwe: “Liphi ikamelo lezimenywa engingadlela kulo iPhasika kanye nabafundi bami?” ’ 12 Lowo muntu uzonibonisa ikamelo elikhulu eliphezulu elinefenisha. Lilungiseleni lapho.” 13 Ngakho bahamba bathola kunjengoba nje eshilo kubo, balungiselela iPhasika.
14 Lapho ihora lifika, wahlala etafuleni kanye nabaphostoli. + 15 Wathi kubo: “Bengifisa kakhulu ukulidla nani leli Phasika ngaphambi kokuba ngihlupheke; 16 ngoba ngiyanitshela, ngeke ngiphinde ngilidle lize ligcwaliseke eMbusweni kaNkulunkulu.” 17 Emukela indebe, wabonga wayesethi: “Thathani lokhu nidluliselane kona, 18 ngoba ngiyanitshela, kusukela manje kuqhubeke, ngeke ngisawuphuza umkhiqizo wamagilebhisi uze ufike uMbuso kaNkulunkulu.”
19 Wathatha nesinkwa, + wabonga, wasihlephula, wabanika sona, wathi: “Lokhu kusho umzimba wami + ozonikelwa ngenxa yenu. + Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” + 20 Wenza okufanayo nangendebe ngemva kokudla isidlo sakusihlwa, wathi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha + esenziwa ngegazi lami, + elizothululwa ngenxa yenu. +
21 “Kodwa bhekani! Isandla somuntu ozonginikela sikanye nami etafuleni. + 22 Ngoba ngempela iNdodana yomuntu iyahamba njengoba nje kunqunyiwe; + noma kunjalo, maye kulowo muntu ekhashelwa ngenxa yakhe!” + 23 Ngakho baqala ukukhuluma bodwa ngokuthi ubani kubo ngempela okwakungaba nguye owayezokwenza lokhu. +
24 Nokho, kwaphakama impikiswano evuthayo phakathi kwabo ngokuthi ubani kubo owayebonakala emkhulu kunabo bonke. + 25 Kodwa wathi kubo: “Amakhosi ezizwe azenza izingqongqo phezu kwazo, nalabo abanegunya phezu kwazo babizwa ngokuthi aBenzi Bokuhle. + 26 Nokho, nina akumele nibe njalo. + Kodwa omkhulu kunani nonke makabe njengomncane kunani nonke, + nalowo oholayo abe njengokhonzayo. 27 Ngoba yimuphi omkhulu, yilowo odla* etafuleni noma yilowo okhonzayo? Akuyena yini lowo odla* etafuleni? Kodwa mina ngiphakathi kwenu njengalowo okhonzayo. +
28 “Nokho, nina aningishiyanga + ekulingweni kwami; + 29 ngenza isivumelwano sombuso + nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano nami, 30 ukuze nidle futhi niphuze etafuleni lami eMbusweni wami, + nihlale ezihlalweni zobukhosi + ukuze nahlulele izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli. +
31 “Simoni, Simoni, bheka! USathane uyanifuna ukuze nonke anihlunge njengokolweni. + 32 Kodwa wena ngikunxusele ukuba ukholo lwakho lungapheli; + wena, lapho nje usubuyile, uqinise abafowenu.” + 33 Yena wathi kuye: “Nkosi, ngikulungele ukuya nawe kokubili ejele nasekufeni.” + 34 Kodwa wathi: “Ngiyakutshela Petru, iqhude ngeke likhale namuhla kuze kube yilapho usuphike kathathu ukuthi uyangazi.” +
35 Wathi futhi kubo: “Lapho nginithuma ningenasikhwama semali nasikhwama sokudla nazimbadada, + anizange niswele lutho, akunjalo?” Bathi: “Kunjalo!” 36 Wabe esethi kubo: “Kodwa manje onesikhwama semali makasithathe, ngokufanayo nesikhwama sokudla, futhi ongenayo inkemba makathengise ingubo yakhe yangaphandle ayithenge. 37 Ngoba ngiyanitshela ngithi okulotshiwe kumele kufezeke kimi, okuwukuthi, ‘Wabalwa kanye nabangenamthetho.’ + Ngoba kuyagcwaliseka lokho okuphathelene nami.” + 38 Ngemva kwalokho bathi: “Nkosi, bheka! Nazi izinkemba ezimbili.” Wathi kubo: “Kwanele.”
39 Lapho ephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengokujwayelekile, abafundi nabo bamlandela. + 40 Esefikile kuleyo ndawo wathi kubo: “Thandazani ningayeki, ukuze ningangeni esilingweni.” + 41 Waqhela kubo cishe ngebanga umuntu angaphonsa ngalo itshe, waguqa ngamadolo wathandaza, 42 wathi: “Baba, uma uthanda, susa le ndebe kimi. Noma kunjalo, makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.” + 43 Ngemva kwalokho ingelosi evela ezulwini yabonakala kuye futhi yamqinisa. + 44 Kodwa ngendlela ayenomunyu ngayo, waqhubeka ethandaza ngobuqotho nakakhulu; + izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi awela emhlabathini. 45 Lapho esukuma ngemva kokuthandaza, waya kubafundi bakhe, wabathola belele, bekhathele ngenxa yosizi. + 46 Wathi kubo: “Nilaleleni? Vukani, nithandaze ningayeki, ukuze ningangeni esilingweni.” +
47 Esakhuluma, kwaqhamuka isixuku, siholwa umuntu okuthiwa uJuda, omunye wabayiShumi Nambili, waya kuJesu ukuze amqabule. + 48 Kodwa uJesu wathi kuye: “Juda, ingabe unikela ngeNdodana yomuntu ngokuyiqabula?” 49 Lapho labo ababeseduze naye bebona okwakuzokwenzeka, bathi: “Nkosi, sigalele yini ngenkemba?” 50 Omunye wabo waze ngisho wagalela inceku yompristi ophakeme, wayisusa indlebe yesokudla. + 51 Kodwa uJesu wathi: “Kwanele.” Wayithinta indlebe wayiphulukisa. 52 UJesu wabe esethi kubapristi abakhulu nasezinduneni zethempeli nasemadodeni amadala ababeze lapho kuye: “Ingabe nize nezinkemba nemishiza njengokungathi nizobopha isigebengu? + 53 Ngesikhathi nginani ethempelini usuku nosuku + anizange nibeke izandla zenu kimi. + Kodwa leli ihora lenu negunya lobumnyama.” +
54 Ngemva kwalokho bambopha, bamhola + bamngenisa endlini yompristi ophakeme; kodwa uPetru wayelandela ekude. + 55 Lapho bebasa umlilo phakathi negceke behlala phansi ndawonye, uPetru wayehlezi phakathi kwabo. + 56 Kodwa intombazane eyinceku, yambona ehlezi emlilweni, yambukisisa yathi: “Lo muntu naye ubekanye naye.” 57 Kodwa waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.” 58 Ngemva kwesikhashana omunye umuntu wambona wathi: “Nawe futhi ungomunye wabo.” Kodwa uPetru wathi: “Ndoda, angiyena.” + 59 Cishe ngemva kwehora, omunye umuntu waphikelela egomela ethi: “Impela lo muntu naye ubekanye naye, ngoba eqinisweni, ungowaseGalile!” 60 Kodwa uPetru wathi: “Ndoda, angiyazi le nto oyishoyo.” Ngaso leso sikhathi, esakhuluma, iqhude lakhala. 61 INkosi yaphenduka yambheka ngqo uPetru, uPetru wawakhumbula amazwi eNkosi lapho ithi kuye: “Ngaphambi kokuba iqhude likhale namuhla uzongiphika kathathu.” + 62 Waphumela ngaphandle wakhala kalusizi.
63 Amadoda ayebambe uJesu aqala ukuhlekisa ngaye, + emshaya; + 64 ngemva kokumboza ubuso bakhe, ayelokhu embuza ethi: “Profetha! Ubani okushayile?” 65 Asho nezinye izinto eziningi emhlambalaza.
66 Lapho kusa, umkhandlu wamadoda amadala abantu, kokubili abapristi abakhulu nababhali, wahlangana ndawonye, + wamyisa ehholo lawo leSanhedrini, uthi: 67 “Uma unguye uKristu, sitshele.” + Kodwa wathi kuwo: “Ngisho noma nginganitshela, ngeke nhlobo nikukholwe. 68 Ngaphezu kwalokho, uma benginganibuza, beningeke niphendule. 69 Nokho, kusukela manje kuqhubeke iNdodana yomuntu + izobe ihlezi esandleni sokudla sikaNkulunkulu esinamandla.” + 70 Ngemva kwalokho, onke athi: “Ngakho-ke, ingabe uyiNdodana kaNkulunkulu?” Wathi kuwo: “Nina ngokwenu nithi ngiyiyo.” 71 Athi: “Sisabudingelani obunye ubufakazi? Ngoba thina ngokwethu sikuzwe ngomlomo wakhe siqu.” +