Eyokuqala KaPetru
3 Ngendlela efanayo, nina makhosikazi, zithobeni kubayeni benu, + ukuze uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwamakhosikazi abo, + 2 ngoba bebe ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa + kanye nenhlonipho ejulile. 3 Ukuhloba kwenu makungabi okwangaphandle—ukwaluka izinwele nokufaka imihlobiso yegolide + noma ukugqoka izingubo ezibizayo— 4 kodwa makube okomuntu osithekile wenhliziyo ozihlobise ngomoya ongenakonakala onokuthula nobumnene, + ongowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu. 5 Ngoba yile ndlela abesifazane abangcwele basendulo ababethembela kuNkulunkulu ababezihlobisa ngayo, bezithoba kubayeni babo, 6 njengoba noSara ayehlonipha u-Abrahama, embiza ngokuthi nkosi. + Seningabantwana bakhe, uma kodwa niqhubeka nenza okuhle futhi ningesabi lutho. +
7 Ngendlela efanayo, nina madoda, qhubekani nihlala nabo ngokolwazi.* Nibazise + njengezitsha ezibuthakathaka kakhudlwana, abesifazane, njengoba beyizindlalifa kanye nani + zomusa ongafanelwe wokuphila, ukuze imithandazo yenu ingathiyeki.
8 Ekugcineni, nonke yibani nomqondo ofanayo, *+ nibonise ukuzwelana nothando lobuzalwane, nibe nobubele, + nithobeke. + 9 Ningabuyiseli okubi ngokubi + noma ukuthukwa ngokuthuka. + Kunalokho, buyiselani ngokubusisa + ngoba nakhethwa nguye ukuba nibusise abanye ukuze anibusise nani.
10 Ngoba “noma ubani ongathanda ukuphila ukuze abone izinto ezinhle, kumele aqaphe ulimi lwakhe kokubi + nezindebe zakhe ekukhohliseni. 11 Makafulathele okubi + enze okuhle; + makafune ukuthula azame ukukulondoloza. + 12 Ngoba amehlo kaJehova* akwabalungile, nezindlebe zakhe zilalela ukunxusa kwabo, + kodwa uJehova* umelene nabenza izinto ezimbi.” +
13 Ngempela, ubani oyonilimaza uma nishisekela okuhle? + 14 Ngisho noma ningahlupheka ngenxa yokulunga, niyajabula. + Nokho, into abayesabayo ningayesabi nina* futhi ningakhathazeki. + 15 Kodwa ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nikulungele ukuzivikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba eninalo, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene + nangenhlonipho ejulile. +
16 Zigcineni ninonembeza omuhle, + ukuze uma kwenzeka bekhuluma kabi ngani, labo abakhuluma kabi ngani baphoxeke + ngenxa yokuziphatha kwenu okuhle njengabalandeli bakaKristu. + 17 Ngoba kungcono ukuhlupheka ngoba nenza okuhle, + uma kuyintando kaNkulunkulu ukukuvumela, kunokuhlupheka ngoba nenza okubi. + 18 Phela noKristu wafela izono kwaba kanye kuphela, + umuntu olungile ngenxa yabangalungile, + ukuze aniholele kuNkulunkulu. + Wabulawa enomzimba wenyama + kodwa wavuswa enomzimba womoya. + 19 Ekulesi simo, wahamba washumayeza imimoya eboshiwe, + 20 eyayingalaleli lapho uNkulunkulu elinde ngesineke* ezinsukwini zikaNowa, + ngesikhathi kusakhiwa umkhumbi, + okwathi ngawo abantu abambalwa, okungukuthi, imiphefumulo* engu-8, bathwalwa ngokuphepha emanzini. +
21 Ubhapathizo, oluhambelana nalokhu, nalo manje luyanisindisa, (hhayi ngokususa ukungcola kwenyama, kodwa ngesicelo esenziwa kuNkulunkulu sokuba nonembeza omuhle), + ngokuvuka kukaJesu Kristu. 22 Ungakwesokudla sikaNkulunkulu, + ngoba waya ezulwini, futhi izingelosi namagunya nabanamandla kwenziwa kwamthobela. +