KumaHebheru
12 Ngakho-ke, ngenxa yokuthi sinefu elikhulu kangaka lofakazi elisizungezile, nathi masilahle konke okusindayo nesono esisithandela kalula, + futhi masiwugijime ngokukhuthazela lo mncintiswano obekwe phambi kwethu, + 2 njengoba sigxilise amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu. + Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa,* engenandaba nehlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokudla sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. + 3 Ngempela, cabangisisani ngalowo okhuthazelele inkulumo enjalo yezoni ephikisayo emelene nezinzuzo zazo siqu, + ukuze ningakhathali niphele amandla. +
4 Ekulweni kwenu naleso sono, anikazabalazi kuze kube seqophelweni lokuchitheka kwegazi lenu. 5 Nisikhohlwe ngokuphelele isikhuthazo esinibiza ngokuthi ningamadodana, esithi: “Ndodana yami, ungasilulazi isiyalo esivela kuJehova,* futhi ungapheli amandla lapho uqondiswa nguye; 6 ngoba uJehova* uyabayala labo abathandayo, eqinisweni, ujezisa wonke umuntu amamukela njengendodana.” +
7 Kudingeka nikhuthazele lapho niyalwa.* UNkulunkulu uniphatha njengamadodana akhe. + Ngoba iyiphi indodana engayalwa uyise? + 8 Kodwa uma nonke ningakaze nisithole isiyalo, ngempela ningamavezandlebe, aniwona amadodana. 9 Ngaphezu kwalokho, obaba bethu benyama* babesiyala futhi sasibahlonipha. Akufanele yini sizithobe nakakhulu kuBaba wokuphila kwethu okungokomoya futhi siphile? + 10 Ngoba bona basiyala isikhashana ngokwalokho okwakubonakala kukuhle kubo, kodwa yena usiyala ukuze kuzuze thina, ukuze sihlanganyele ebungcweleni bakhe. + 11 Yiqiniso, asijabuli lapho sithola isiyalo kodwa sizwa ubuhlungu;* nokho kamuva isiyalo sibathelela isithelo sokuthula esiwukulunga labo abaqeqeshwe yiso.
12 Ngakho-ke, qinisani izandla eziyethile namadolo axegayo, + 13 futhi qhubekani nihamba endleleni eqondile, + ukuze lowo oxhugayo* angabhinyiki, kodwa kunalokho elapheke. 14 Lwelani ukuba nokuthula nabantu bonke, + nokungcweliswa *+ okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwako. 15 Qaphelisisani ukuba kungabikho muntu ongawutholi umusa omkhulu kaNkulunkulu, ukuze kungabikho mpande enobuthi evelayo, ibange izinkinga futhi abaningi bangcoliswe yiyo; + 16 qaphelani nokuba phakathi kwenu kungabi namuntu oziphatha kabi ngokocansi* nanoma ubani ongazazisi izinto ezingcwele, njengo-Esawu, owadela amalungelo akhe njengezibulo ukuze athole isidlo esisodwa. + 17 Ngoba niyazi ukuthi kamuva lapho efuna ukuzuza isibusiso njengefa waliwa; ngoba nakuba azama ngobuqotho ukushintsha umqondo* ngezinyembezi, + akusizanga.*
18 Ngoba anisondelanga entweni engase ithintwe + futhi eyokhelwe ngomlilo, + nasefwini elimnyama nasebumnyameni obukhulu nasesiphephweni, + 19 nasekukhaleni kwecilongo + nasezwini elikhuluma amazwi, + okwathi lapho abantu belizwa bancenga ukuba kungabe kusashiwo lutho olunye kubo. + 20 Ngoba wawunzima kubo lo myalo othi: “Uma ngisho nesilwane sithinta intaba, kumele sishaywe ngamatshe.” + 21 Ngaphezu kwalokho, okwakubonakala kwakwesabisa kakhulu, uMose waze wathi: “Ngiyesaba futhi ngiyathuthumela.” + 22 Kodwa nisondele eNtabeni iZiyoni + nasedolobheni likaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, + nasemashumini ezinkulungwane ezingelosi 23 emhlanganweni wazo zonke, + nasebandleni lamazibulo abhaliswe emazulwini, nakuNkulunkulu uMahluleli wabo bonke, + nasekuphileni okungokomoya + kwabalungile abenziwe baphelela, + 24 nakuJesu umlamuleli + wesivumelwano esisha, + nasegazini elifafaziwe, elikhuluma ngendlela engcono kunegazi lika-Abela. +
25 Qaphelani ukuba ningenqabi ukulalela* lowo okhulumayo. Ngoba uma labo abenqaba ukulalela lowo owayenikeza isixwayiso saphezulu esemhlabeni bengaphunyukanga, thina ngeke siphunyuke nakakhulu uma sifulathela lowo okhuluma esemazulwini. + 26 Ngaleso sikhathi izwi lakhe lazamazamisa umhlaba, + kodwa manje uthembisile, wathi: “Ngizophinde ngizamazamise hhayi umhlaba kuphela kodwa futhi nezulu.” + 27 Manje inkulumo ethi “ngizophinde” ibonisa ukususwa kwezinto ezizanyazanyiswayo, izinto ezenziwe, ukuze izinto ezingazanyazanyiswanga zihlale. 28 Ngakho-ke, njengoba sizokwamukela uMbuso ongenakunyakaziswa, masiqhubeke sithola umusa omkhulu, esinganikela ngawo inkonzo engcwele ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu ngokwesaba nangokuthuthumela. 29 Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo. +